KUGCINE kumenele omelwe yinhliziyo ngemuva kokuba sengozini yemoto eThekwini.
Abezimo eziphuthumayo babizelwe emgwaqweni uM4 Ruth First ngasesikhumulweni sezindiza iVirgibia ngemuva kwemibiko ngemoto ephaphalaze yangena ehlathini.
Lokhu kwenzeke emini ngoMsombuluko.
“Sifike endaweni yesigameko sathola owesilisa oseminyakeni yo-60 ubudala exinekile, kubonakala ukuthi umelwe yinhliziyo,” kusho uKyle van Reenen, okhulumela abe-Emer-G-Med.
Abezimo eziphuthumayo bazamile ukumnika usizo lokuqala isikhathi esilinganiselwa ehoreni. Ngeshwa akasindanga kulesi simo sakhe, washona ekhona lapho.