Akasekho emhlabeni uDavid Mabuza
Image: X
Unobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula uthumele umlayezo ezwakalisa ukushaqeka ngokudlula emhlabeni kwalowo owayeyiphini likamengameli uMnuz David Mabuza.
"Kungokudabuka okukhulu kanye nezinhliziyo ezibuhlungu sizwa ngokudlula emhlabeni kwalowo owayeyiPhini likaMengameli wezwe kanye nengqalabutho yombutho wethu, uComrade David Dabede Mabuza."
Kubikwa ukuthi uMabuza (64) ushonele esibhedlela eSandton lapho abelashwa khona.
Uqhubeke wathi uMabuza wanikela impilo yakhe ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika. Kusukela ezinsukwini zakhe emzabalazweni wokulwa nobandlululo kuya ebuholini bakhe njengoNdunankulu waseMpumalanga futhi kamuva njengePhini Likamengameli, wayeyilungu leqembu elizinikele elaliphethe amagugu obumbano, ukuziphatha kahle kanye noguquko.
"Egameni le-African National Congress, sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani, amaqabane kanye nabantu baseNingizimu Afrika. Silahlekelwe umthandi wezwe, umlweli wenkululeko, nomholi osebenze ngokuzithoba nangokuqiniseka."