Owesifazane oneminyaka ewu-49 waseMakhilimba, eShowe, igama lakhe elingeke lidalulwe useyesaba nokulala ekhaya emuva kokuthi eklabhe wabulala obezama ukumdlwengula athi umbone esengaphakathi ekamelweni alala kulo ebusuku ngoJanuwari 1. Owesifazane oneminyaka ewu-49 waseMakhilimba, eShowe, igama lakhe elingeke lidalulwe useyesaba nokulala ekhaya emuva kokuthi eklabhe wabulala obezama ukumdlwengula athi umbone esengaphakathi ekamelweni alala kulo ebusuku ngoJanuwari 1.
USELALA obenyoni owesifazane waseShowe oklabhe wabulala
isangoma esiwumakhelwane esingene emzini wakhe elele sazama ukumdlwengula simsabisa ngokumgwaza ngommese.
Owesifazane oneminyaka ewu-49 waseMakhilimba, eShowe, igama lakhe elingeke lidalulwe useyesaba nokulala ekhaya emuva kokuthi eklabhe wabulala obezama ukumdlwengula athi umbone esengaphakathi ekamelweni alala kulo ebusuku ngoJanuwari 1.
Uthe ngemuva kwalesi sigameko omakhelwane bambuza ukuthi ubengamklabhi ngani amkhubaze kunokuthi ambulale ekubeni engazange amdlwengule.
Uthe abanye bathi kungenzeka ukuthi bebethandana baxabana wase embulala.
“Ezinkundleni zokuxhumana abantu babhala abakuthandayo ngami sengibukeka njengomuntu owayehlose ukubulala umuntu kanti ngangizama ukuphephisa impilo yami indoda eyisidlakela ingiphoqa ukuthi ngilale nayo ingisabisa ngommese. Ngaphaphama sengibona isithunzi sendoda ngaphakathi ekamelweni. Ngasukuma ngagxuma ngethuswa wumuntu engingamazi engimbona esesendlini, ngazama ukumemeza ngicela usizo ngabona ukuthi ngeke ngisizakale ngoba imizi iqhelelene kakhulu. Ngazama ukuwubamba ummese wangisika esandleni, ngase ngehlisa umoya ngenza njengoba isho,” kusho yena.
Uthe baphumela emnyango wase ethi kuyo ucela ukuthatha icansi ngoba kunamazolo.
Ngaleso sikhathi uthi le ndoda yase ikhumulile naye isike yamphakamisa ingubo yokulala ayeyigqokile.
Uthe baphindela endlini ngesikhathi ehwalaza icansi ebumnyameni wahlangana nocelemba wawuthatha, wawubamba kanye nalo icansi.
Indoda ayibonanga ngoba kwakumnyama, sebengaphandle wayijikela wayigenca ngawo ucelemba nayo yamshaya ngewisa eyayiliphethe elifishane eliphathwa yizangoma uma zigida. Babhuduzisana kwaze kwabe uyamnqoba.
“Wathi uzongibulala uma eseqedile ukungidlwengula bese eqhubekela ezinganeni zami.
“Angazi ukuthi amandla ngawathathaphi okubhekana nendoda eyisidlakela, ngase ngishaya noma
kuphi lapho ngifinyelela khona ngocelemba, angazi ukuthi wafa nini. Ngabona ithuba lokubaleka ngadonsa izingane zami sabaleka saya kamakhelwane. Kwahlatshwa umkhosi,” kusho yena.
Ngo-2010 uthe kwadutshulwa kwabulawa ugogo wakhe esembhedeni, kuze kube manje akwaziwa ukuthi wadutshulwa ngubani. Wabaleka wahlala emizini yezihlobo ngemuva kwalesi sigameko wabuya ngo-2016 njengoba naye esehlaselwa.
UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe idokodo lophenyo nelokuzama ukudlwengula eliphenywa ngamaphoyisa aseShowe.
Uthe umgilwa uma esatshiswa kufanele athintane nomphenyi wecala.