INGXENYE yesihlanu yombiko weKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana enikezwe uMengameli Cyril Ramaphosa wuSihlalo wekhomishini, iNhloko yamaJaji Raymond Zondo, yenze izincomo zokuthi aphenywe uMnuz Arthur Fraser owayengumqondisi jikelele wophiko lwezobunhloli ezweni, kanjalo noyiNhloko yemiSebenzi eKhethekile, uMnuz Thulani Dlomo.
INGXENYE yesihlanu yombiko weKhomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana enikezelwe uMengameli Cyril Ramaphosa wuSihlalo wekhomishini, iNhloko yamaJaji Raymond Zondo, yenze izincomo zokuthi aphenywe uMnuz Arthur Fraser owayengumqondisi jikelele wophiko lwezobunhloli ezweni, kanjalo noyiNhloko yemiSebenzi eKhethekile, uMnuz Thulani Dlomo.
NgokukaZondo, uFraser kufanele aphenywe ngokubandakanyeka kwakhe kwiphrojekthi, iPrincipal Agent Network (Pan). UDlomo yena usolwa ngokuphatha isamba semali.
Ikhomishini ithole ukuthi izamba zemali okungaqondakali ukuthi ngezani, zakhishelwa le phrojekthi ebingaphansi kwalolu phiko.
Enye ingxenye yombiko ithi: “OKlebe kufanele baphinde balubhekisile udaba lokuthi bavuse uphenyo ngalolu daba.”
Umbiko wenza izincomo zokuthi yonke imali eyanikwa yaleyo phrojekthi ibuyiswe.
UZondo uthe uphenyo lwakhe luthole ukuthi imali elinganiselwa kuR145 million yantshontshwa emahhovisi ophiko lwezinhloli, iState Security Agency.
Uthe enye yaleyo mali yakhishwa ngowayengungqongqoshe woPhiko lwezobuNhloli, uMnuz David Mahlobo.
UFraser akatholakalanga ukuthi aphawule. Ummeli wakhe, u-Advocate Eric Mabuza naye unqabile ukuphawula.
Khonamanjalo okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, ugxeke uRamaphosa wathi akanalo ilungelo lokwemukela umbiko kaZondo, ekubeni kwayena kunezinto okusamele aziphendule mayelana nokufihla kwakhe izindodla zemali yaseMelika ngaphansi kukamatilansi nakwenye impahla yasendlini.
Uthe akugcinanga lapho, wafihla ubugebengu bokwebiwa kwaleyo mali, ngakho akanalo ilungelo lokwamukela umbiko omayelana nenkohlakalo kuleli.
URamaphosa wamukele ingxenye yokugcina yombiko izolo kuZondo obengusihlalo wekhomishini ebiphenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kuzofanele kubhekisiwe izincomo zengxenye yokugcina yombiko ukuthi kazinakho yini ukwenzelela kwabathile, okungaba ngesinye sezizathu eziholele ekutheni ukwethulwa kwawo kulokhu kuhlehliswa.
Uthe bayayibonga ikhomishini ngomsebenzi wayo ewenze ngokukhuthala, ngaphandle kokwesaba noma kuchema.
“Sifuna ukubonga uZondo ngokuqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe kwikhomishini, yize ebebuye agxekwe,” kusho uHlengwa.
Uthe bafuna ukukubeka kucace ukuthi ukunikezelwa kombiko akuchazi ukuthi ukulawulwa koMbuso yidlanzana sekuphelile.
“SiyiPhalamende namaqembu aphikisayo, ngeke siphumule. Sizoqhubeka nokuphosa imibuzo enzima, siveze inkohlakalo bese kuthi abasemandleni, sibenze baphendule,” kusho uHlengwa.
Uqhube wathi umbiko wekhomishini akufanele ulale izintuli.