“PHAKAMA Thompson, ixesha lifikile. Thompson lo my President.”
Kuqhume lezi zingoma izolo ehholo iKing Bhekuzulu eNyuvesi yaseZululand, oNgoye ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi esikhundleni sikaMengameli uMnuz Allen Thompson, akabangiswa muntu njengoba ephakanyiswe yedwa kulesi sikhundla yinyunyana yothisha iNatu.
UThompson, uyiPhini likaMengameli lale nyunyana kanti uMengameli wayo uMnuz Siphosethu Ngcobo usebeka phansi izintambo. UNgcobo unqabile ukungenela ukhetho njengoba kukhona abeze kuyena befuna ukuthi abuyele kulesi sikhundla.
UMfundisi Eliam Biyela, owengamele ukhetho ubememezela abantu abazongenela umbango wezikhundla kule nyunyana njengoba kulindeleke ukuthi kuvotwe kuphinde kumenyezelwe imiphumela namhlanje. UBiyela uthe esikhundleni sikaMengameli uyedwa umuntu ophakanyisiwe. Kuphakanyiswe uThompson.
Amalungu amane acula athi ixesha lifikile, akaphakame uThompson. Uze wasukuma watshengisa ngezandla ukuthi uyabonga njengoba kumane kwachwaza ihholo.
UNgcobo uye kokhuluma wanxusa ukuthi akakamenyezelwa amalungu awalinde kuze kube ikusasa.
“Lindani lowo mcimbi sizowenza kahle kusasa (namhlanje). Viva Natu Viva,” kusho uNgcobo.
Amalungu aqhubekile ecula ebiza negama likaThompson.
Esikhundleni esiphethwe nguThompson kuphakanyiswe abaholi ababili abazobangisana sona, kwesoVice President bale nyunyana bayisithupha abaholi abaphakanyisiwe ezikhundleni ezine ezikhona.
UThompson waqala waba nguVice President ngaphambi kokuba abe yiPhini likaMengameli (Deputy President) iminyaka eminingi.
UNgcobo ethula inkulumo ngaphambi kokumenyezelwa kwabazongenela ukhetho, ubuze uThompson ukuthi ngabe ubani ozoba yiphini lakhe.
Ngale ndlela ubetshengisa ukuthi uyameseka kwesokuba ngumengameli wale nyunyana.
Isikhundla sikaMengameli ngeke sivotelwe njengoba kupha-kanyiswe uThompson yedwa.
Kusikwe nekhekhe lokugubha iminyaka engu-100 kwasungulwa le nyunyana.