UBHEKENE nengcindezi umfundi kaGrade 11 waseBilanyoni, eDumbe owabona kubulawa intombi yomzala wakhe okuthiwa ukhala ngokuthi ubuthongo abusafiki ngenxa yesithombe sokugwazwa kwayo.
Lokhu kulandela ukuthi umndeni namaphoyisa bedidekile ngokuthi kwenzekani ngesidumbu sikaNksz Makhosi Ndlangamandla (25) ngoba umphakathi uyamba lapho kuthiwa wagqitshwa khona kodwa akuveli lutho kuqhuma amanzi kuphela.
UMnuz Sfiso Ndlangamandla, ongumfowabo kaNksz Ndlangamandla, uthe umfana eligodliwe igama lakhe, uyabalisa uthi le nto ayimniki ukuphumula ukhumbula konke okwenzeka.
Uthe ingane kadadewabo eneminyaka engu-8 sebeyithathile bayoyifihla ngoba basaba ukuthi ingagcina isithola ukuthi unina wabulawa kanti basayifihlele.
Uveze nokuthi besaba nokuthi uyise uma kwenzeka ephuma angayithatha.
“Namanje asazi ukuthi yini lena amaphoyisa ewahlulayo ukuba athole iqiniso ngoba umfana uyazikhulumela. Ungichazelile nami ukuthi ubuthongo abusafiki. Lo mfana usekhuluma ngisho kubangani bakhe ngakho konke okwenzeka mhla kubulawa uMakhosi. Siphatheke kabi singumndeni ngoba kade sifika nomphakathi sizomba kodwa akuveli lutho, kunalokho kuqhuma amanzi,” kusho uNdlangamandla.
Uveze nokuthi amaphoyisa asebatshela ukuthi izinja zomkhondo ngeke bazithole ngoba lo muntu kade anyamalala.
Uthe okubi wukuthi uyise womfana uthi akuhlukanwe nengane yakhe ngoba kuzolimala ikusasa layo.
Amaphoyisa nawo athi abhekene nobunzima ngaleli cala.
“Ngesikhathi umsolwa evuma ukuthi wayibulala intombazane saba nethemba lokuthi konke kuzoshesha. Kodwa osekuyinkinga wukuthi kuthe uma eseya enkantolo washaya ungqimphothwe esethi noma angabhekwa kodwa ngeke atholakale ngoba wamshisa. Uphinde athi icala lokudlwengula umzala wakhe oneminyaka engu-15 akalazi kodwa into angayikhuluma eyokubulala intombi yakhe. Sesivele sathatha isinqumo sokumvulela icala lokubulala,” kusho iphoyisa elicele kugodlwe igama lalo.
IMeya uMnuz Majuba Mavuso ebihambisana nomndeni beyobheka kule ndawo, ithe kuyabethusa ukuzwa ukuthi akucaci ngecala nokuthi amaphoyisa bezwa kuthiwa athi izinja ngeke zilethwe ngoba kade anyamalala uNksz Ndlangamandla.
Uthe kuyiphutha lokho ngoba amaphoyisa ayakwazi ukuthola amathambo abantu abashona eminyakeni engaphezulu kuka-20 kodwa ayakhononda kumuntu onyamalale eminyakeni emithathu.
Uthe kungcono udaba ludluliselwe emaphoyiseni asezingeni lesifundazwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe lolu daba lubucayi futhi amaphoyisa asaphenya ngakho abakwazi ukuphawula okwamanje.