UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni iGauteng usuyichithile imibiko yokuthi ulahlekile owesifazane waseTembisa, Ekurhuleni, okubikwa ukuthi uzale izingane ezingu-10 ngoMsombuluko.
NgoLwesihlanu ntambama iziko lezindaba iNews24 libike ukuthi ngoLwesine kuvulwe icala lokulahleka kukaNksz Gosiame Thamara Sithole (37). Ibike ukuthi leli cala lavulwa ngoJuni 6 (ngeSonto) esiteshini samaphoyisa eTembisa South.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng ushicilele isitatimende ngemuva kwalo mbiko uqinisekisa ukuthi uNksz Sithole usebathintile ebazisa ukuthi akalahlekile. Lo mnyango uthe amaphoyisa sebewazisile ukuthi uphephile futhi uzokwenza isimemezelo ngalolu daba maduze.
Ekhuluma nephepha elinguzakwabo weSolezwe i-Pretoria News, ngoMsombuluko ebusuku uyise wezingane uMnuz Tebogo Tsotetsi, uthe uThamara ubelethe enamasonto angu-29 ezithwele.
UTsotetsi uthe ngenxa yokuzalwa ngaphambi kwesikhathi izingane zisagcinwe egumbini labasesimeni esibucayi esibhedlela ezikuso. Uthe abantu bakuleli bazozibona uma sezikulungele ukubonakala emphakathini.