Ubengakaze azicabange entweza emoyeni ngebhanoyi noma ehleli etafuleni linye nezitatanyiswa, uyise womunye wabafundi abaphila nokukhubazeka abachonywe uphaphe lwegwalagwala wuNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga.
UMnuz Ephraim Mchunu waKwaFelekisi, eManzimtoti, onguyise ka-Asanda Mchunu (17) obefunda esikoleni sabaphila nokukhubazekile, KwaThintwa School for Deaf eCato Ridge, eThekwini, uthe uswele amaphiko okundiza ngenxa yenjabulo emva kokuthi indodana yakhe ithole isimemo esivela kungqongqoshe, okuqinisekisa ukuthi ingenye yezingane ezenze kahle ngesikhathi kubhalwa izivivinyo zika-matric, nyakenye.
U-Asanda nozakwabo abafunda naye KwaThintwa, uXoliswa Nkabinde (19) abakhubazeke ngokungakhulumi nokungezwa, bebeyingxenye yesidlo sakusihlwa noNkk Motshekga ePitoli, izolo, okuwumcimbi walo mnyango ezingeni likazwelonke okuhloswe ngawo ukukhuthaza abafundi abaqhamuka ezifundazweni ezihlukene kuleli, abaphumelele ngamalengiso ezifundweni ezithile abazibhale ngonyaka owendulelayo.
“Ngendlela engijabule ngayo angazi ngingachaza kanjani. Nakuba besikulindele ukuthi aphase kodwa besingakaze sizitshele ukuthi uzosenza siziqhenye ngalolu hlobo. Bengingazi ukuthi ngiyoke ngigibele ibhanoyi ngaye,” usho kanje.
Uthe ikhono lakhe belivele limangalisa kangangoba unekhanda elilula ngendlela yokuthi entweni okuthiwa akeyenze, wenza kudlulele obekwenza othisha bamtuse kakhulu ngobuhlakani anabo.
U-Asanda kuthiwa unothando lwe-Visual Arts.
Ngakolunye uhlangothi, unina kaXoliswa uNksz Feziwe Ximba waseMnambithi, uthe ngenxa yesimo sendodakazi yakhe inothando lokungena emkhakheni weFashion Design noma ibe wuthisha.
“Sijabule kakhulu siwumndeni ngayo. Noma besikuthola kunzima ukumlekelela ezifundweni zakhe ngenxa yokuthi asiluqondi kahle ulimi i-Sign Language kodwa bese sikwazi ukubona kokunye. Unekhono elihle futhi lokudweba, ziyaziqhenya kakhulu ngaye,” usho kanje.
Isikole iKwaThintwa School for Deaf, sekujwayelekile ukuthi sivele ohlwini lwezikole ezenza kahle njengoba abafundi bakusona bevamise ukuthola izimemo zikangqongqoshe minyaka yonke.
Oyi-Departmental Head kulesi sikole, uNksz Stephanie Paul, ushayele ihlombe laba bafundi ngokwenza kahle kwabo.
“Kube ukuzimisela nokuzinikela okubenze bazibona sebekuleli zinga abakulona manje. Siyabahalalisela ngokuphakamisela phezulu igama lesikole,” usho kanje