AKUVUMI akholwe ukuthi ingane yakhe ayisekho emhlabeni unina wengane yaseHilltop, eVerulam enonyaka, okuthiwa igwilize ebhakedeni yashona emuva kokuwa embhedeni.
UNksz Sindisiwe Msebenzi (34) uthe namanje kusenzima ukwemukela ukuthi indodakazi yakhe eyiwele, uSisipho ngeke asayibona idlala endlini nodadewabo nomfowabo.
Ubekhuluma emuva kokuthi ingane yakhe iwe embhedeni yangena ebhakedeni ebelinamanzi ebeliseduze kombhede, yagwiliza yashona. Izolo uNksz Msebenzi ubedangele ehleli kusofa engakwazi nokuchaza ukuthi ingane yakhe ishone kanjani.
Ubabekazi kaSisipho, uNksz Nonhlanhla Zangwa (43) ongahlali nabo, uthe kufike abantu bangqongqoza endlini kamfowabo, uMnuz Sabelo Zangwa (30) bezombikela ngosekwenzekile ezintatha kuzosa kube yizolo. Uthe babe sebeyobheka ngokushiwo nokuyilapho abachazelwe khona ukuthi ingane ayisekho.
“Umama womntwana ubelele nazo zombili izingane zamawele nengane yakubo eneminyaka eyisithupha.
Iwele lentombazane lawa embhedeni ngesikhathi belele. Uthe uma umama evuka ezibheka izingane wathola ukuthi alisekho embhedeni. Uma ebheka phansi wathola ukuthi ingane iwele ebhakedeni, yangena ngekhanda yashona. Bese ivele seyishonile, nomlomo sewushintshile,” kusho uNksz Zangwa.
Uthe kuthintwe abezimo eziphuthumayo bafike bakuqinisekisa ukuthi ayisekho emhlabeni.
Emuva kwesikhathi unina wengane ube esebhoboka ngesimo akusona.“Ngesikhathi ngimkhipha ebhakedeni bengingakholwa ukuthi useshonile. Kwale noma sebemthatha besho ukuthi akasekho kodwa ngangakholwa. Namanje ungathi ngizotshelwa ukuthi uzobuya,” kusho uNksz Msebenzi.
Uthe ingane yakhe beyivamile ukuthi athi uma eyilalise endaweni ethile embhedeni avuke seyilele kwenye ingxenye. Uthe ubengazitsheli ukuthi kungenzeka isigameko esinjena.
UNksz Zangwa uthe kumanje abazi ukuthi bazothathani bahlanganiseni ukufihla ingane ngoba unina wayo noyise abasebenzi. Uthe bayafisa sengathi bangathola noma yiluphi usizo.
Okhulumela amaphoyisa Lt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa avule idokodo emuva kokuthi ingane enonyaka iwe embhedeni yangena ebhakedeni elingamalitha angu-25 ebelise duze kombhede. Uthe izimo eziholele kulesi sigameko zisaphenywa.