USAGCWELE amathafa umshayeli weloli elaholela ekutheni kushayisane mahlanze itekisi neloli elithwala uphethroli emgwaqweni uR33 eWartburg, KwaZulu-Natal, kwashona abagibeli abangu-13 ngoSepthemba 22, ekuseni.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli izolo.
UNtuli uthe ingozi yadalwa ubudedengu bomshayeli weloli elaphazamisa elinye elalithwele uphethroli, elagcina selitholana phezulu netekisi.
“Kuyishwa ukuthi kuze kube manje asazi ubani umshayeli nokuthi iloli kwakungelikabani. Sifuna umshayeli aziveze yena singaze simthole thina. Njengamanje siqoqa ulwazi olwaqoshwa ikhamera yeloli elithwala uphethroli.”
UNtuli ubesemhlanganweni weSantaco KwaZulu-Natal ehhotela eCoastlands, eMhlanga. Bekubhekwa indlela le nhlangano esebenze ngayo ngo-Okthoba okuyinyanga yezokuthutha.
Bekugujwa neminyaka engu-10 kwasungulwa uHlokomela okuwuphiko olulekelela iSantaco ekuqinisekiseni ukuphepha emgwaqweni.
UNtuli uthe umnyango wakhe uzoqeqesha abasebenzi beHlokomela ubacije ngamakhono ukuze balekelela amaphoyisa beqinisa ezokuphepha emgwaqweni.
Umnyango wakhe uzobiza umhlangano ophuthumayo nabamaloli baqinisekise ukuthi izingozi ziyehliswa ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
“Yebo avuliwe amathaveni kodwa umuntu ozongena emotweni ephuzile uzolutheza olunenkume. Oshayela budedengu afune ukwandisa izingozi zomgwaqo naye akazoba umngani womnyango. Sicela wonke umuntu abe yiso nendlebe, ngoba umuntu ozophula umthetho uzobe ona igama lesifundazwe sonke,” kusho uNtuli.
Ngalo Disemba uthe akekho umshayeli wetekisi okumele ashayele ephuzile, elayishe ngokweqile futhi engenayo iprofessional driving permit (PdP).
USihlalo weSantaco eKZN, uMnuz Boy Zondi uthe kusuka ngo-Okthoba 1 kuya ku-Okthoba 26, bahambele amarenki angu-20 ezifundeni zabo ezingu-16 beshumayela ivangeli lokuphepha emgwaqweni. Bebefuqa nomkhankaso olwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni.
UZondi ukwamukele uqeqesho oluhlinzekwa umnyango ngoHlokomela, wathi bazoqhubeka babambisane nomnyango ekulweni nezingozi zomgwaqo.
Uthe ososeshini babo esifundazweni bayabaqondisa ubugwegwe abashayeli bamatekisi abaphula imithetho yomgwaqo. Uthe lokhu kwenziwa njalo ngoLwesine.