OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, uthi akagudluki emkhankasweni wakhe wokulwela owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ukuba aphume ejele.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela umndeni kaNgizwe, uMnuz Bonginkosi Khanyile, emuva kokuba uNgizwe ededelwe ngebheyili ka-R2 000 izolo. Icala lizobuyela ngomhlaka 21 Okthoba 2021.
Engxoxweni ekhethelekile neSolezwe, uKhanyile uthe uNgizwe ujabule ngendlela eyisimanga ngokuphuma esitokisini futhi ukube akalandeli imithetho yenkantolo, ubezozikhulumela yena naleli phephandaba.
“UMacingwane (Ngizwe) ujabule kakhulu, ngendlela engachazeki. Usamile emazwini akhe ukuthi uMsholozi (Zuma) akaphume ejele. Usamile futhi ekutheni ayibe semthethweni imibhikisho yokweseka uZuma. Kodwa akugcizelelayo ukuthi kungashiswa izikole, kungatapwa ukudla, kungashiswa izinxanxathela zezitolo namafemu. UNgizwe kumphathe kabi ukuthi kugcine sekunabantu abalahlekelwa yimisebenzi. UNgizwe usasho ukuthi Ziyakhala,” kusho uKhanyile.
Echazela Isolezwe ngesimo uNgizwe abhekene naso etokile, uthe bekungelula neze.
“Into akhale ngayo kakhulu amakhaza, leli jele laseGoli abeboshelwe kulo uthe belibanda ngendlela eyisimanga. Okunye okumphazamisile ukuthi bekuyindawo eqhelile nasekhaya. Bekumele siqashe izindawo zokulala ukuze sibe lapha ukuzomeseka,” kusho uKhanyile.
Uthe uNgizwe ujabule ngokuthi uya ekhaya.
“Njengoba esephumile, uya ekhaya. Inkantolo imbekele imibandela yokuthi aphume aye ekhaya, eliKwaZulu-Natal, kodwa ngeke sidalule ukuthi kuphi,” kusho uKhanyile.
UNgizwe udlulise nokubonga ngokwesekwa ngamaciko nabalandeli bakhe, abahlala emahostela, amaqembu epolitiki ahlukene nabanye abebefika enkantolo.
Ebuzwa uKhanyile ukuthi ngabe uNgizwe unakho yini ukuzisola ngokumfake ejele uthe: “Ukuzisola, akukafiki kulokho, kuseyibheyili. Umuntu uma efaka ibheyili usuke ecela ukuthi icala liqulwe engaphandle. Akukafiki ekutheni icala ulenzile noma akalenzanga. Icala lisengamgweba, usengaphuma phambili futhi ngakho ngeke saphendula ngokuzisola noma cha.
“Esingakusho ukuthi lokhu bekuyinto esisinde kakhulu esivelele. Izinkantolo sengathi zingaqhubeka zibe njena, zenze ubulungiswa.”
U-Dr Khehlelezi Mzo uthe: “Sibonga inkantolo ngokwenza ubulungiswa, siyathemba ukuthi izophela le nto.”
Akazange aphumele obala ukuthi ngabe umsizile yini uNgizwe ngamakhathakhatha kuleli cala. Uthe uNgizwe oyozikhulumela uma sekufike isikhathi.