USPHUMELELE Mbambo owaduma kwiJoyous Celebration obhokoke ngokwaliwa kwakhe yindoda ayeshade nayoIsithombe: TUMI PAKKIES
UPHUMELE obala ngokwaliwa yindoda umculi wowokholo owaduma kwiJoyous Celebration, umshado wakhe owaphela emuva konyaka eshadile.

USphumelele Mbambo ubekhuluma izolo emcimbini wabesifazane obuhlelwe yiWhite Star, eThekwini. Ubengomunye wabanandisayo kodwa wathi ngeke angakhulumi ngomshado wakhe.

“Ngaliwa yindoda singekho isizathu. Kwala noma sengifuna isizathu esibambekayo ngoba kwesinye isikhathi sifuna lokho ukuze nakini bakuzwe uma ubuyela ekhaya. Indoda yangitshela ukuthi isikhathele ukungihlukumeza, izoze ingibulale,” echaza.

USphumelele owashada ngo-2013, uthe akavumanga lesi simo simshintshe futhi ababemhleka akababambele igqubu.

UNksz Nonzwakazi Cekete onguMhleli wephephabhuku iMove obephethe uhlelo, uthe abesifazane bangahlaleli izingane ebudlelwaneni. Uveze ukuthi uyise wezingane zakhe ezimbili wake wamshaya wavuka esibhedlela kodwa wabuyela kuyena.

“Ngavula icala ngabuye ngalisula ngoba ngithi ngenzela izingane zami. Uma nawe wenza njalo uyazilimaza kakhulu izingane. Nganquma ngelinye ilanga sekukuhle ukumshiya futhi ngaphumelela kakhulu kunakuqala,” kusho yena.

UNkk Zodwa Mchunu ongunkosikazi kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uthe kunabesifazane abaphoqwa izimo ukuzibulala njengoNksz Khensani Maseko, isitshudeni ebesingcwatshwa izolo. Uthe abanye baswele abantu abazolalela ubuhlungu babo bangabahluleli.

Lo mcimbi ubuwenzelwe omama namadodakazi abo. Bekukhona nenxusa leWhite Star uDudu Khoza ongumsakazi woKhozi FM. Omunye obekhuluma nguNkk Thobile MaKhumalo Mseleku woThando Nes’thembu. UBusisiwe Mmotla onguMiss Soweto noyinxusa leWhite Star uncome iqhaza lomama empilweni yabesifazane. Ulinganise ngonina athe engenela umncintiswano wokuqala wokumodela wamzamela ingubo kanokusho kodwa engenayo imali. UNksz Ayanda Dubazane oyiBrand Manager yeWhite Star uthe izidlo zabo zihlanganisa imindeni. Bekunandisa uDJ Happy Girl noDJ Cndo.