ASEHOXISIWE amacala abekwe iMeya yaseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe nemenenja yaseMzimkhulu uMnuz Zweliphansi Sikhosana ngenxa yokushoda kobufakazi.
UNdobe ubevele enkantolo yeMantshi eMzimkhulu ngoMsombuluko lapho bekulindeleke khona ukuthi afake isicelo sebheyili kulandelwa ukuboshwa ngezinsolo zokuthinteka ekubulaweni kowayenguNobhala-Jikelele we-ANCYL, uMnuz Sindiso Magaqa. UNdobe noSikhosana baboshwe ngeledlule nosomabhizinisi uMnuz Mbulelo Mpofana noMnuz Sibonelo Myeza okuthiwa wabe eyiphoyisa ophikweni iTactical Response Team (TRT).
UMyeza noMpofana basazobhekana naleli cala.
Abasolwa babekwa icala lokubulala uMagaqa namacala amabili okuzama ukubulala abesifazane ababehamba noMagaqa, uNksz Nontsikelelo Mafa noNksz Jabulile Msiya e-Ibisi eMzimkhulu, ngoJulayi 13, 2017.
Ngesikhathi evela okokuqala uNdobe kwashayisana imibono phakathi kwabalandeli bakhe nabafuna ubulungiswa odabeni lokuMagaqa. Abalandeli bakhe bathi ukuboshwa kukaNdobe kuhlangene nezombusazwe njengoba ehleli endaweni yesithathu ohlwini lwamagama abaholi abaya esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Udaba lusaqhubeka.