AMAQEMBU aphikisayo ePhalamende kulindeleke ukuthi enze isinqumo ngekusasa likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa nethimba lakhe.
AMAQEMBU aphikisayo ePhalamende kulindeleke ukuthi enze isinqumo ngekusasa likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa nethimba lakhe.
Lokhu kuza emva kokuthi la maqembu ebe nomhlangano lapho ebedingida khona ngezindlela zokuqinisa izinhlaka zePhalamende nokuqinisekisa ukuthi ubuholi buyaphendula uma kwenzeke into engafanele.
Amaqembu, okuyi-DA, EFF, IFP, ACDP, UDM, NFP, ATM, COPE nePAC akhiphe isitatimende echaza lokhu.
URamaphosa ubengundabamlonyeni kulandela ukuvela kwezindaba ezithi wafihla icala lobugebengu epulazini lakhe, iPhala Phala, eLimpopo.
Isitatimende esikhishwe yila maqembu sithe: “Kubalulekile ukuveza ukuthi yize amaqembu epolitiki ezimele, kunokuvumelana okukhulu phakathi kwawo ngezinkinga zePhalamende nokuthi uRamaphosa nethimba lakhe bayaphendula.”
Isitatimende sithe isiGaba 89 kuMthethosisekelo sivumela ukuthi iPhalamende limsuse umengameli ehhovisi uma kukhona ukwephulwa komthetho okwenzekile.
Umhlaziyi wezepolitiki, uDkt John Molepo, uthe akaboni ukuthi imizamo yokususa uRamaphosa izosebenza ngoba i-ANC inezihlalo eziningi ePhalamende. Uthe nakuba kunjalo, ukuhlongozwa kokumsusa ehhovisi kuzosidicilela phansi isithunzi sakhe.