Athole ibheyili amasosha abhekene nelokubulala us'gaxamabhande
Image: Sigciniwe
INkantolo yeMantshi yaseRandburg inike amasosha angu-12 eSouth African Defence Force (SANDF) ibheyili ka-R10 000 ngamunye, asolwa ngokubandakanyeka emacaleni okubulala uLieutenant Colonel Mathipa nabanye abantu ababili okusolakala ukuthi babathumba eMall of Africa ngomhla ka-29 Disemba 2022
. Abammangalelwa babhekene namacala abucayi, okuhlanganisa namacala amathathu okubulala, ukuthumba, ukukhwabanisa, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukuqamba amanga ngesifungo kanye nokweba imoto. La macala asukela ekuthunjweni kuka-Abdella Hussain Abadiga noKadir Jemal Abotese, abathunjwa base beyiswa e-Zwartkop Military Base, kanti namanje akwaziwa ukuthi bakuphi. Abammangalelwa baphinde babhekane namacala ahlobene nelokubulala uLieutenant Colonel Frans Mathipa, iphoyisa elisebenza ngaphansi kophiko loKlebe elaliphenya icala lokuthunjwa kuka-Abadiga no-Abatise. UMathipa wabulawa mhla zi-6 ku-Agasti 2023, eshayela ku-N1 Highway abagibeli besebenzisa imoto ye-SANDF.
Abameli babamangalelwa bethule izincwadi ezifungelwe zabamangalelwa, bethi bebengekho endaweni yezigameko futhi abazi lutho ngamacala okubulala. Kwethulwa nesitatimende somphathi wabo. Umshushisi wethule incwadi efungelwe evela kumphenyi wecala, esho ukuthi bayingozi emphakathini njengoba beqeqeshelwe ukusebenzisa izibhamu ezisezingeni eliphezulu ukuze kuqedwe noma yikuphi usongo.
Incwadi efungelwe iphinde yachaza kabanzi ngokuthi umsolwa ngamunye uhlobene kanjani nalezi zinsolo nokuthi umsolwa kuthiwa wazama kanjani ukukhipha imoto emgwaqweni kubulawa kukaCol. Mathipa. Abameli babamangalelwa bethule izincwadi ezifungelwe zabamangalelwa, bethi bebengekho ezundaweni zezigameko futhi abazi lutho ngamacala okubulala. I-NPA isiphawule ngokudumala isinqumo senkantolo futhi isicele ukuba kuhlehliselwe uLwesine, mhla ziyi-17 kuJulayi 2025, ukuze kunikezwe imvume yokudlulisa icala.