BUCHITHEKE bugayiwe eDundee izolo kwabaleka namaphoyisa ngemuva kokuba izakhamuzi zamalokishi ehlukene ziwathela ngemvula yamatshe, zifuna kukhishwe esikhundleni imeya ye-IFP.
Lezi zakhamuzi zivale thanqa ukuhamba kwezimoto edolobheni, ziveva yintukuthelo.
Kuphazamiseke nokuhanjiswa kwamaphepha okubhala kwezinye izikole ngenxa yomphakathi oqale ukumashela edolobheni laseDundee kusuka ngehora lesine ekuseni.
Kule mashi kugcine kukhona ababoshwayo njengoba kucekelwe phansi imigwaqo, izitolo nojantshi wesitimela.
Lezi zakhamizi zivale yonke imigwaqo ephuma eDundee ebheke eVryheid, Nquthu, Newcastle, Glencoe naseMnambithi. Zitholane phezulu namaphoyisa zawashaya ngamatshe, agcina ebaleka maqede zehlela erenki yamatekisi ahambela eGoli zithi ziyoshisa amaQuantum. Nokho zikhalinywe abaqaphi bamatekisi benkampani iQomukufa Security abadubule phezulu bephindelela.
Abagcinanga lapho, abanye, bangene ezitolo zokudla bazitapela kodwa kuthe uma sebebheke enxanxatheleni enkulu yezitolo bafika sezivaliwe.
UMnuz Wandile Ngcobo, obengomunye wabaholi bemashi, uthe sebekhathele ukungaphathwa ngendlela kukamasipala nokukhohliswa ngezidingo. Phakathi kokunye, abakhala ngakho ukuthi iMeya esamisiwe, uMnuz Sboniso Mbatha, yathatha imali eyanikelwa imayini kumasipala ukuze kulungiswe ezinye zezikole eSibongile. UMbatha kuthiwa wabe eseyalela ukuba leyo mali iyokwakha inxanxathela yezitolo zaseGlencoe. Kukhalwa nangokuthi ama-rates anyuka ngaphandle kokubikelwa.
Abanye kule mashi bebekhala ngokuthi kade babefaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba kodwa kuze kube yimanje abatholi mpendulo.
Le mashi ibihlanganisa abantu abebesuka eSibongile, Evokwe, eFrance nakwenziye izingxenye zaseNdumeni. IMeya ebambile, uDkt Isri Bedassi, izamile ukuzokhuluma nomphakathi kodwa bayixosha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe isimo sibe ngaphezulu kwamandla abo ngenxa yentukuthelo yabantu.
Uveze ukuthi laba bantu bebebalelwa ku-3 000.
Uthe bazame ukujuba amaphoyisa aseziteshini zakwezinye izindawo ezakhele iDundee ukuze azolekelela.
Amaphoyisa athwale kanzima emgwaqweni uVictoria noFouche lapho abeshawa khona ngamatshe. Eminye imigwaqo ibivalwe ngezingodo namathayi avuthayo.
Izolo lishone sekukhona ababoshiwe kodwa ababhikishi bebengazimisele ukuhlakazeka, besabisa ngokuthi bazoshisa ibhilidi likamasipala uma uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, engamlethi umuntu ozokwamukela izikhalo zabo ngoba abafuni zithathwe umuntu kuMasipala waseNdumeni.
Lize lashona belokhu betshelwa ukuthi kukhona osuka eMgungundlovu ozokwamukela izikhalo zabo. Abanye bathutheleke esiteshini samaphoyisa lapho obesekuboshwe khona ingxenye yababhikishi.
Okhulumela uNkk Dube Ncube, uMnuz Lennox Mabaso, ethintwa uthe usematasa wathi uzobuyela entathelini kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engabuyelanga entathelini.
Ucingo lukaMbatha belukhala lungabanjwa.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, ukugxekile ukuphazamiseka kwezikole ngalo mbhikisho.