Umalume uBen Mbele uzogwetshwa ngoLwesibili ngecala lokubulala abashana bakhe abane ePort Edward. Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE Umalume uBen Mbele uzogwetshwa ngoLwesibili ngecala lokubulala abashana bakhe abane ePort Edward. Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE
AKASAKWAZI ukulala kahle ebusuku uninalume wezingane ezine ovume icala lokuzibulala njengoba ethi usebona isithombe sazo ezibulala.
UBen Zimele Mbele (32) waKwaNzimakwe ePort Edward, kulindeleke agwetshwe ngoLwesibili kulandela ukuvuma icala lokubulala abashana bakhe abane.
NgoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ummeli kaMbele emncengela ukuba inkantolo imzwele uthe, uyazisola ngakwenza futhi uzosiza inkantolo igwebe omunye asebenzisana naye kuleli cala.
Ummeli u-Advocate Pawline Andrews uthe: “Asipheli emehlweni kaMbele isithombe sokwenzeka ngelanga lesigameko. Lokho akumlalisi kahle nasebusuku. Ukhombisile ukuzisola ngokuvuma icala, wangachitha isikhathi senkantolo.”
Ummeli uveze ukuthi uMbele uyaqala ukwenza icala, unengane eneminyaka eyisishiyagalombili.
Ibamba lejaji * -Elizabeth Law lithe, uma wayezisola ngesenzo sakhe kungani ahlala isikhathi eside kangaka engazinikeli emaphoyiseni. Ube eselihlehlisa icala ukuze acubungule kahle isigwebo.
Udadewabo kaMbele uNksz Phakamile Mbele, uthe babonga ukuthi uboshiwe ngoba nabo bese bezizwa bengaphephile.
“Le nto eyenziwe wumfowethu asazi noma wayefuna ukuthwala yini. Akagwetshwe nje ukuze sikhululeke ngoba noma sisegcekeni siyajeqeza ngoba asazi noma nathi uzosibulala yini. Udadewethu ongunina wezingane akekho esimnweni esikahle selokhu kwenzeka lesi sigameko,” kusho uNksz Mbele.
Enkantolo kuvele ukuthi wahlomula ngoR60 000 wemali yemishwalense yokungcwaba izingane, okuyimali ayiqhobozela yedwa, wangasiza nangezindleko zomngcwabo. Izingane ezabulawa, uLwandle, Bandile, Sphindile, noLwandile Mbele, wayezikhave ngo-R15 000 iyinye kwa-AVBOB.
Evuma icala uthe wahlangana nowesilisa ambize ngoMnuz Sbongiseni Nyawose, wathi iningi imali angayenza uma engathola izindlebe zabantu bese bezidayisela inyanga eseThekwini, ezifunayo. Inyanga kuthiwe yayibathembise ukuthi bazoceba uma beletha izindlebe.
UMbele uthe wayelokhu emziba lona wesilisa kodwa wagcina elingekile ngoba efuna ukuceba. Uthe lo wesilisa wamtshela ukuthi kuzoba lula ukubulala izingane zikadadewabo ngoba uhlale esetshwaleni, ngakho bazokwazi ukuthola izingane zihlezi zodwa bese bezibulala.
Ngelanga lesigameko ngoSepthemba 1 2017, bahlangana nalo wesilisa ebusuku, bafica izingane zihlezi zodwa zibuke ithelevishini. Uthe bazibopha ngentambo, zacabanga ukuthi bayazidlalisa.
Uthe bazigwaza ngokushintshana, uNyawose wathatha izindlebe babe sebebaleka.
Uthe sebebulele izingane babaleka endaweni yesigameko.
Umphenyi wecala uWarrant Officer uJabulani Nzimakwe, ethula ubufakazi uthe uMbele wafika kuyena namafomu okufaka isicelo semali ukuze athole imali engu-R60 000 yokugcwaba kumshwayilense. Uthe le mali umshwayilensi wakwa- AVBOB sewamkhokhela uMbele yize umndeni uthe akakaze akhiphe nesenti lokugcwaba abashana.
Umshwalense kuthiwa wawubhalisela ngoDisemba 2016.