SEKUSEZANDLENI zabomthetho ukujezisa okuzotholakala ukuthi babe nesandla ekuputshukeni kwephepha lesibili leMaths ebelibhalwa ngoMsombuluko.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ngesikhathi enesithangami nabezindaba izolo.
Uthe ukuputshuka kwephepha kuyisenzo sobugebengu ngakho okuzotholakala ukuthi bayathinteka, amaphoyisa azobhekana nabo.
“Akukhathalekile noma kwenziwe umfundi noma umuntu omdala, kodwa umsebenzi sesiwushiyele emaphoyiseni. Sasayina isibophezelo nenhlangano yabafundi iCongress of South African Students (Cosas) ngendlela abafundi okumele baziphathe ngayo uma kubhalwa izivivinyo,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe yize isijeziso sinzima kubafundi ngoba basebancane, kodwa ngeke bakwazi ukuxegisa ngoba kubeka engcupheni ukubhalwa kwezivivinyo.
Uqhube wathi isinqumo sokuthi iphepha libhalwe kabusha siyokwenziwa kuphela uma kunobufakazi bokuthi lokhu kuputshuka kubeke ukubhalwa kwezivivinyo engcupheni.
“Ezifundazweni eziyisishiyagalolunye, yiFree State kuphela esingakatholi umbiko ngoku-putshuka kwaleli phepha. Kuvele umuntu wokuqala othumele umbiko ngokuputshuka kwaleli phepha kokhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, kube yisitshudeni senye yamanyuvesi aseGauteng esinenhlangano engenzi nzuzo, eyelekelela abafundi.”
Kuthiwa lesi sitshudeni sathola leli phepha kwiqeqeba labafundi esasibasiza ngeWhatsApp ekuseni ngaphambi kokuthi abafundi babhale.
Kuthiwa abafundi babefuna lesi sitshudeni sibalekelele ngokubenzisa lona, ngenxa yokuthembeka kwaso sathumelela kuMhlanga.
Ngaphambi kwalesi sithangami, uNkk Motshekga uqale wahlangana nongqongqoshe balo mnyango ezifundazweni, ukudingida ngokuputshuka kwephepha nodaba lokuqinisekisa ukuthi imigomo yokugwema ukubhebhetheka kweCovid 19 iyalandelwa.