UKUFAKA umuthi wentando bekuyinto okwaziwa ukuthi yenziwa abesifazane abasuke befuna amadoda abo abheke bona bodwa. Muva nje kodwa kuvela ukuthi nabesilisa bangenisile kulo mkhuba wokudlisa abesifazane.
Abelaphi bendabuko bathi amadoda angena ephuma ezindaweni zabo ezofuna okokudlisa abesifazane ukuze bangabheki engxenye, babagcine bengababo bodwa.
Isangoma esesineminyaka sisebenza ngamakhambi esintu futhi esiwungoti uma kukhulunywa ngemithi ‘yothando’, uNkk Hlengiwe “Godlulwandle” Dladla waseBluff, utshele leli phephandaba ukuthi ziningi izizathu ezibekwa abesilisa abasuke bezofuna okokudlisa abesifazane.
Imvamisa abesilisa basuke befuna ukuthi bangaliwa, abesifazane bezwe bona kuphela.
“Abesilisa babhilitile muva nje bafuna amadliso. Akubona nje abashadelwe kuphela abadlisa amakhosikazi abo kodwa inqwaba yilaba abajolayo, umuntu othole intombi ayithanda kakhulu bese ekhetha ukuyidlisa. Ngabesilisa abangamakhasimende ami kakhulu. Abanye bafika sebazi ukuthi amakhosikazi ayaphinga kodwa ngenxa yothando, bafune ukuwakhonka angaphinde abheke abanye,” kusho uGodlulwandle.
Eqhuba uthe idliso labesifazane liyafakwa ngokudla, izinhlanga zasemzimbeni, izinhlanga zesitho sangasese nezinye izindlela.
“Umuntu ozofuna idliso lowesifazane awuvele umnike, uqale ubheke izizathu bese ucela nasedlozini. Kuyenzeka omunye afune ukuhlukanisa umuntu nomyeni wakhe, afune ukumxhaphaza ebona izinto anazo noma afune ukumthithibalisa. Akubi lula kanjalo ngoba idlozi lisebenza ngento ehlanzekile,” kusho uGodlulwandle.
Eqhuba uthe kunezimpawu ezilula nezijwayelekile ezibonakalayo kowesifazane odlisiwe. “Umuntu uthatha izinqumo ezinkulu ngasese angawutsheli umndeni. Uxolela ngokwedlulele noma kungasafanele, uhlala enovalo noma elandelwa owesilisa. Kuyenzeka omunye ahlale exabana nabo bonke abantu abasondela kuye abone sengathi bazomthatha. Into ebalulekile ukuthola usizo libulawe idliso.
“Akufanele umuntu ayophalaziswa lingakabulawa ngaphakathi ngoba lizoqhuma limbulale noma limgulise,” kusho uGodlulwandle.
Ephetha uthe akukho okuyicala ngokuvuselela uthando kumuntu omthandayo nonenhloso
ngaye kodwa kuyawabanga amabhadi ukudlisa umuntu bese uyamshiya.
“Uma umshiya umuntu kudingeka uqale uyobulala idliso,” kusho uGodlulwandle.