SEKUBHALISWE u-93% weziguli ezisebenzisa izikhungo zezempilo ezingaphansi kukaMasipala uBuhlebezwe, eHarry Gwala, okuyingxenye yokulungiselela umshwalense wezempilo kahulumeni iNational Health Insurance (NHI).
Lokhu kuvezwe uNkk Siphiwe Maseko oyisikhulu esiphezulu esibhedlela iChrist the King, izolo ngesikhathi echazela uNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize nozakwabo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, abebehambele kulo masipala bezobheka ibanga eselihanjiwe ukulungiselela iNHI.
UNkk Maseko uthe u-93% weziguli ezisebenzisa imitholampilo engaphansi kwalo masipala sezibhalisiwe.
Uthe imitholampilo iGcinokuhle, iHlokozi ne-Ixopo ihamba phambili ngokulungiselela kahle iNHI.
Yize kulo masipala kuvela ukuthi wenza kahle ekubhalisweni kweziguli, uNkk Maseko uveze ukuthi isibhedlela sidala futhi ingqalasizinda yaso isigugile kanti sithola iziguli eziningi ezivela kwabanye omasipala eziza kuso ngenxa yokuthi kulula ukufinyelela kuso uma usebenzisa ezokuthutha zomphakathi.
“Isibhedlela sakhiwa ngo-1938, ukukhula kwesibalo seziguli ezihambela kuso kwenza ukuthi sisebenze kanzima ngoba ingqalasizinda yethu incane, ikhemisi lethu lincane, indawo yokwamukela iziguli incane, indawo esilahla kuyo udoti incane. Kunezikhala zemisebenzi ezingagcwalisiwe okusifakela ingcindezi. Sike sazama ukuthola umhlaba kwanhlanga zimuka nomoya ngoba umhlaba oseduze kwethu kutholakale ukuthi awukulungele ukwakha,” kusho yena.
UMkhize uthe izinkinga ezikhona manje zeziguli ezima kolayini abade ezikhungweni zezempilo, ukushoda kwemithi nabasebenzi ngeke kuvimbe ukuqala kweNHI.
UMnuz Ntokozo Mkhize, onguSihlalo webhodi lalesi sibhedlela, uthe ukushoda kwabasebenzi abalungisa izinto ezifile esibhedlela kuyinkinga ekubeni iNHI ibalula ukuthi okungenani kumele kube nabasebenzi abangu-60% ukuze isebenze kahle.
Inkosi uPhathisizwe Chiliza ithe iNHI bengamakhosi bayayeseka ngoba bakholwa wukuthi kuzosizakala abantu abahluphekayo ebebengeke basizakale ezibhedlela ezizimele.
IMeya yaseHarry Gwala, uMnuz Zamo Nxumalo, ithe ukhona umhlaba kamasipala ongasetshenziswa uma umnyango unezinhlelo zokusinweba lesi sibhedlela ngoba ukwakha amabhilidi amade kubukeka kungabiza kakhulu.