BEKUKHALA ibhungane emarenki amatekisi angaphansi kukasoseshini uMNR, eMlaza izolo abashayeli abashayela lawa matekisi kulo mzila abazange balubhade emsebenzini kulandela ukudutshulwa kwabashayeli ababili balo soseshini bashona, ngoLwesibili ntambana.
Babili abashayeli balo soseshini abadutshuliwe ngoLwesibili, omunye udutshulwe kwa-D omunye wadutshulwa ebhuqwini kwa-M.
Kusolwa ukuthi ukudutshula kwabo kuhlobene nengxabano ephakathi kwalo soseshini nowaseNgonyameni, kubangwa umzila.
Abashayeli abakhulume naleli phephandaba abanye babo abebesanemihuzuko abathi bayithole bebaleka behlaselwa ngoLwesibili bathe babone kungcono bangavuki namhlanje (izolo).
“Phakathi kwethu kunomshayeli imoto yakhe edutshulwe ngenqwaba yezinhlamvu kodwa usindile, imoto iphelile. Lowo muntu ubengavuka kanjani. Asikwazi ukuvuka sizolinda baxoxe, sizwile ukuthi banomhlangano namhlanje,” kusho lo mshayeli.
Abagibeli bebegibela amabhasi abanye beyogibela kwaF&G.
ULt Col Thulani Zwane usiqinikisile isigameko sokudutshulwa kwabashayeli ababili ezindaweni ezehlukene oneminyaka ewu-43 odutshulwe kwa-D oneminyaka ewu-44 odutshulwe kwa-M.
Uthe amaphoyisa anxusa noma ngubani okungenzeka ukuthi abe nolwazi ngalolu daba ukuthi athinte amaphoyisa.
UMnuz Mluleki Mntungwa okhulumela uMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe, uthe okwamanje abakazi ukuthi ukudutshulwa kwabashayeli kuhlangene yini namatekisi.
Uthe kunethimba lomnyango elijutshwe ukuthi liyohlangana nososeshini waseNgonyameni noMNR.
UMnuz Sifiso Shangase oyimenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uthe bazwile ngesehlakalo sokudutshulwa kwabashayeli kodwa basalinde ihhovisi labo lesifunda ukuthi libanike umbiko ochaza ngalesi sigameko ukuze bazi ukuthi yini inkinga futhi lungalungiswa kanjani.
“Siyawucela nomphakathi ukuthi usize ngolwazi ukuze kuboshwe abasolwa ngalesi sigameko,” kusho uShangase.
Ngokuthola kwaleli phephandaba usoseshini waseNgonyameni ubuncikiswe wuMNR emzileni wawo ngoba imvume yawo ithi basuka eNgonyameni baye eSiphingo.
Umthombo waleli phephandaba uthe eminyakeni eminingi eyedlula usoseshini waseNgonyameni wacela ukuthi uncikise kulo wakwaMNR.
“Ukuncika kwakusho ukuthi usoseshini waseNgonyameni uzothatha abantu eNgonyameni nasendleleni uze ufike eSiphingo, kwagcina sekunesivumelwano sokuthi abaseNgonyameni bancike kulo soseshini baye eThekwini," kusho yena.
Uqhuba uthi okwenze ubudlelwane baba muncu ukuthi usoseshini waseNgonyameni awuyinyusanga imali yokugibela kule nyanga, abancike kubo bayinyusa ngo-50c kubagibeli abaya ngaphakathi eMlaza, abaya eThekwini yenyuka ngoR1.
“Ukunganyuswa kwemali ematekisini aseNgonyameni kutolikwe njengendlela yokudla umsebenzi wakwaMNR. NgeSonto kwaphuma umyalelo wokuthi bangabe besaguduza emzileni ohamba uMNR, abahambe ngoMangosuthu Highway,” kusho umthombo
Omunye wabashayeli abakhulume naleli phephandaba wacela ukungadalulwa, uthe ngoMsombuluko abaseNgonyameni bavale irenki eseNdongeni ngezimoto. Kwaphinde kwaphucwa abashayeli imali kwadutshulwa nomgibeli esetekisini, washona.
“NgoLwesibili bashintsha ukwenza basitshela ukuthi njengoba bengabatholi obaba bethu bazodubula thina nangempela ozakwethu ababili balahlekelwe yimiphefumulo yabo.”