INTATHELI YESOLEZWE
I ZINHLELO zentsha zakuSABC 1, i YOTV Live sezijoyinwe ngabethuli abasha abahlanu asebeqalile ukubonakala.
Laba bethuli bezinhlelo bajoyine ngemuva kwenhlolokhono ebiyenziwa.
UZandile Nkonyeni oyinhloko yezokwazisa ezinhlelweni zakwa SABC, uthe: “I-SABC izinikele ngokuthola iphinde iveze abantu abangaba wosaziwayo entsheni yaseMzansi.”
Abethuli abasha asebejoyinile nguMiss Teen World uKatlego Ncala (16) ochazwa njengothanda ukulalela umculo kaBeyonce noDrake bese edlala ibhola.
Kukhona noThato Dithebe (16) ozifela ngokulalela umculo kaJ. Cole noKanye West.
Omunye nguCandice Modiselle (16) ochazwa njengomuntu othanda ezobuciko kanti usebe yingxenye yemidlalo eyahlukene eminingi okubalwa kuyo eyeshashalazi neyasesikoleni.
Kukhona no-Ofentse Tlou (19) okwazi ukukhuluma izilimi eziyisishiyagalolunye. Yena uzichaza njengebhungu elithanda ukulalela umculo kaCassper Nyovest futhi elithanda ukuzivocavoca. Udabuka eMafikeng kanti usanda kusuka khona ukuze ajoyine i YOTV.
Owokugcina, okunguye omncane kunabo bonke ngu-Entle Bizana (15). Yena uchazwa njengothanda ukukhuluma futhi onomoya okhululekile. Uthanda izicathulo kanti ungumlandeli weHigh School Musical.
Laba bethuli bezinhlelo bajoyina abavele bekhona okunguKarabo Bonco, Gift Mokhamponyane, Mamodibe Rabodibe noLwando Mbelu.
I- YOTV, edlala ngo-3 kuya ku-4 ntambama phakathi nesonto nangoMgqibelo ngo-7.30 kuya ku-8.30, inezinhlelo ezahlukene okubalwa kuzo okukhulunywa ngezinto ezikhungethe intsha, imema osaziwayo abehlukene, ikhuluma ngemisebenzi intsha engakhula ingene kuyo nokunye.
Isikhiqize osaziwayo abaningi abehlukene okubalwa kubo u-Akhumzi Jezile ongumlingisi futhi ongumethuli wezinhlelo, Siphiwe Mtshali odlala indawo kaBash ku Rhythm City nabanye.