ABESIFAZANE besimanje abasalindi umshado bayovusa imizi kodwa bayazithengela izindlu okwedlula abesilisa.
Lokhu kushiwo uNksz Samke Mhlongo ongumeluleki wezezimali, obuye enze ucwaningo emkhakheni wamabhizinisi.
UNksz Mhlongo (34) waseMgungundlovu, ungumsunguli weThe Next Chapter (TNC) Wealth Partners, eluleka osomabhizinisi nezinkampani ngezezimali. Ukusebenza ebhange iminyaka eyisikhombisa kwamenza wabona izinselelo ezisabhekene nabamnyama ekuphatheni imali.
Ukhuluma ngendaba yokuthengwa izindlu kwabesifazane nje, ubengomunye wezikhulumi emcimbini iProperty Show ebiseThekwini muva nje.
Ngaphandle kokuthengwa kwezindlu, lo ngoti kwezezimali ugcizelela ukuthi ukhona umnotho nasebhizinisini kulo mkhakha.
“Abesifazane sebeyazithengela izindlu akusefani nakuqala lapho sakhula sitshelwa ukuthi kumele siyovusa imizi. Abesifazane bamanje sebeyazisebenzela, banayo imali yokuzithengela izindlu. Nalabo ababuya emshadweni ababuyeli emakhaya kodwa bazithengela izindlu, kanjalo nalabo abangashadile,” kuchaza uNksz Mhlongo.
Yize ekugcizelela ukuthi enza kahle amabhizinisi okudayisa izindlu, uthe umuntu kumele abheke isimo sezimali.
Uthe liyakhula nebhizinisi lokuqashisa izitshudeni, abaningi abathenga izindlu ukungena kulona.
Uqhube wathi yize abamnyama sebesebenza kahle, kuseyinkinga ukonga ngoba indaba isukela ekutheni izingane azifundiswa ngokonga nangokuphatha imali.
“Ezinye izinhlanga zikhuluma nezingane kusenesikhathi ngisho umuntu enebhizinisi. Kuseyinkinga kuthina abamnyama ngoba uma kunebhizinisi ekhaya, izingane azitshelwa lutho ngokusebenza kwalo. Sibona ngathi akuyona indaba yezingane, kuthi uma kushona abadala liphele ibhizinisi.”
Yize ekuveza ukuthi ubandlululo lwenza abamnyama basilela emuva kwezomnotho, uthe akumele kugxekwe lona kakhulu ngoba indaba iqala ekhaya. Ukhale nangokuthi abamnyama uma babeka imali kakhulu esikhundleni sokuyikhulisa.
Mayelana nokonga, uthe ucwaningo lukhomba ukuthi abesifazane bangcono kunabesilisa. Okubi ngalokhu ukuthi abesilisa bayakwazi ukuqunga batshale imali ebhizinisini ngaphandle kokwesaba. Abesifazane bonga kakhulu bagcine besaba ukutshala imali ebhizinisini.
UNksz Mhlongo waqala iTNC ngo-2017 eseshiye ebhange. Kumakhasimende awafundisa ngezezimali kubalwa i- Anglo American neStandard Bank. Uke waba kwiTop 100 Most Influential Persons of African Descent Class ngo-2018, Top 50 Black African Women Entrepreneurs waba yinxusa leBrand SA “Play Your Part.”
Uneziqu zeBCom Accounting zase-UCT, i-Post Graduate Diploma in Management ayithola eWits neMasters in Business Administration.