UMasipala weTheku ubambisene ne-Innovate Durban baqhamuke nohlelo oluzosiza abesifazane abanamabhizinisi eThekwini namaphethelo.
Lolu hlelo olubizwa ngeSHEshisa lwenzelwe ukusiza futhi lufundise abesifazane abasaqala nalaba asebenawo amabhizinisi ukuthi bakwazi ukusebenzisa ezobuchwepheshe, bathole ulwazi ngawo baphinde babe nesibindi sokwakha ubuhlobo uma kuziwa kwezamabhizinisi.
Ukwamukelwa kwezicelo zokubhalisela ukuba yingxenye yabesifazane abazofunda ngaphansi kwalolu hlelo kuzovalwa ngoMeyi-19, 2024 futhi lolu hlelo luzofundwa izinyanga eziyisithupha.
Ukufunda kuzoqala ngoJuni 1, 2024 lapho osomabhizinisi bezofunda ekilasini baphinde basebenzise usizo lwe-inthanethi.
Phakathi kwezinto abazozifunda kubalwa ukuxazulula izinkinga, ukuzinaka, ukusebenzisana nabantu nokusebenzisa ezobuchwepheshe.
Ukuqeqeshwa ngezamabhizinisi kuzobandakanya ukuphathwa kwezezimali, ukudayisa, ezokuxhumana, izindlela zokwenza ibhizinisi, umnyango wezabasebenzi nokuhambisana nesikhathi kwezamabhizinisi.
Ukuze ube yingxenye yohlelo lweSHEshisa kuzobhekwa ukuthi ngabe ibhizinisi lakho liyahambisana yini nemibandela ebekiwe.
Le mibandela ithi ibhizinisi kumele libe nonyaka owodwa kuya kwemihlanu lasungulwa, kumele libe nezobuchwepheshe, lingenise imali engango-R100 000 000, kube elilapha KwaZulu-Natal futhi likwazi ukuba yingxenye yezinhlelo ezizobe zihleliwe eThekwini. Lolu hlelo lumahhala.
Uhlelo lweSHEshisa luhlose ukudlulisa izinsika ezintathu ezizosiza abasifazane abasasungula amabhizinisi abo, nalabo asebenawo.
Eyokuqala ibizwa nge-The Woman, eyokweseka osuke esungule ibhizinisi ukuze akhule kuzona zonke izinhlaka. Eyesibili ithi-Her Business, lapho bezothola ukuqeqesheka, izinsiza zokuthuthukisa amasu ebhizinisi, indlela eliqhutshwa ngayo nokwenza inzalo.
Eyokugcina i-Her Community, lapho kuzobe kwandiswa ukwesekwa nokwakha ubuhlobo ukuze babe nomthelela omuhle kulabo abasondelene nabo.
Ukuthola kabanzi ngalolu hlelo ungavakashela iwebsite yakwa- Innovate Durban ethi https://www.innovate.durban/sheshisa/