UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uzwakalise ukukhathazeka ngabesifazane abaphuza ngokweqile.
UNkk Simalene-Zulu uthe izinga lokuphuza utshwala kwabesifazane abasha liyathusa wathi kufanele balwe nalo mkhuba omubi.
Ekhuluma esithangamini sabesifazane abasha abasezikhundleni zobuholi ebesiseGreyville Convention Centre ngoLwesihlanu, uthe kubalulekile ukuthi abesifazane bavulelwe amathuba omnotho, awokuhola umphakathi nokunye okuningi kodwa ucela behlise otshwaleni.
“Uma sikhuluma ngomuntu wesifazane owumholi kufanele singakhohlwa wukuthi abesifazane abasha baphuza ngokweqile, yibona abangaluthandi ucansi oluphephile, bahlukunyezwa ngabantu abathandana nabo kodwa abanye nabo bahlukumeza amadoda. Uma sinezithangami zokuhlomisa abesifazane ngolwazi nokubavulela amathuba kufanele siyikhuze nemikhuba emibi abayenzayo.”
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe uzoqhubeka nokuxoxa nabesifazane kuwo wonke amazinga ukuze bathole amathuba omnotho kuliwe nokucindezelwa kwabo.
Baningi abesifazane abenza kahle abale kubo uNksz Senamile Masango ongusosayensi ogxile kwezenuzi. Ngakho abesifazane kufanele bahlonyiswe ngamakhono azosiza ukuthuthukisa izwe.
Imikhankaso yabo yokuthuthukisa abesifazane izogxila kwezomnotho nakwezempilo ngoba abesifazane kufanele babe sezikhundleni zokuhola umphakathi.
Ikhabhinethi kaZikalala igcwele kakhulu abesifazane ngoba uwumuntu okholelwa ekutheni nabo bayakwazi ukwenza lokho okwenziwa ngamadoda.
Ugqugquzele abesifazane ukuthi bangayilaleli imithetho ethi kukhona izinto ezithile abangavumelekile ukuzenza.
“Umthetho owawuthi abesifazane abakwazi ukuba ngamakhosi uyabheda, nomthetho othi abesifazane akufanele bashayele nokuthi kufanele bafihle wonke umzimba wabo. Le mithetho ecindezela abesifazane kufanele silwe nayo ngoba ayihambisani nekusasa esifuna ukulakha,” kusho uZikalala.