UNkk Khanyi Dhlomo nomamawakhe esidlweni sasekuseni esenziwe ngumasipala wasethekwini ebesise ICC kubungazwa inyanga yabesifazane.ISITHOMBE PATRICK MTOLO UNkk Khanyi Dhlomo nomamawakhe esidlweni sasekuseni esenziwe ngumasipala wasethekwini ebesise ICC kubungazwa inyanga yabesifazane.ISITHOMBE PATRICK MTOLO
ZANELE MTHETHWA
USONDONZIMA kwezamabhizinisi ukhuthaze abesifazane ukuthi bangazivaleli amathuba okufunda nokungena emabhizinisini ngoba besabheke umshado.
UKhanyi Dhlomo, oyiChief Executive Officer yeNdalo Media ekhiqiza amaphephabhuku, uthi abesifazane abaningi basesaba ngisho ukufunda kakhulu ngoba bebona ukuthi amadoda azohlehla, bangabe besawuthola umendo. Ubekhuluma izolo emcimbini kaMasipala weTheku eNkosi Albert Luthuli ICC, wokugqugquzela abesifazane kwezamabhizinisi.
UDhlomo oshade nosomabhizinisi waseNigeria uMnuz Chinezi Chiyoke ngo-2010 obekungumshado wakhe wesibili, uthe uyaziqonda izinkolelo zabantu abamnyama kodwa akumele zivimbe amaphupho.
“Umphakathi esiphila kuwona usakholelwa ekutheni owesifazane akaphelele uma engakashadi. Abantu bayesaba ukuphumelela babe neziqu eziningi ngoba besafuna ukushiya isikhala somshado. Lokhu kuyasilimaza ngoba amadoda awalindi lutho oluzowavimbela ukuphumelela,” usho kanje.
Lo somabhizinisi obephelezelwa ngunina uNkk Venetia Dhlomo kulo mcimbi, ukugcizelele ukuthi ukuba ngowesifazane oseshadile kuba nezinselelo uma usesikhundleni noma uphethe ibhizinisi. Uthe usehamba imihlangano nemicimbi yasekuseni kuphela ngoba ebusuku udingeka ekhaya ayobheka umndeni.
UDhlomo ubekhuluma ngezinye zezingqinamba ezenza ukuthi abesifazane bangabi nazo izikhundla eziphezulu futhi bangabonakali begqamile emabhizinisini.
Uveze ukuthi iNingizimu Afrika yakhiwe ngabesifazane abangu-27 million kodwa ngu-28% kuphela onezikhundla eziphezulu.
Uthe ukungazethembi, ukugxekwa nokuzibukela phansi kungezinye zezinselelo ezenza abesifazane basilele uma kukhulunywa ngamabhizinisi nezikhundla.
Ubalule izizathu ezenza kubaluleke ukuthi abesifazane babe phambili kwezobuholi emabhizinisini.
“Abesifazane bawaqonda kangcono amakhasimende. Siyaziwa ke thina nokuthi siyazikhulumela, yingakho ngisho kumabhodi anabesifazane abaningi ziba ningi nezingxoxo ezenza kugcine kuthathwe izinqumo eziphusile,” kusho yena.