ISILOMO sezinhlelo zethelevishini sithi sekuyisikhathi sokuba abesifazane bayamukele noma ngabe injani imizimba yabo ngoba abakweleti muntu.
UKhanyi Mbau ongumethuli wezinhlelo zethelevishini, umsakazi kanjalo nomlingisi usho kanje ngemuva kokuthi enconyiwe ngokuba semkhankasweni wokugqugquzela abesifazane ukuthi bayithande imizimba yabo, kwelinye lamaphephabhuku.
Kuleli phephabhuku uKhanyi Mbau nabanye osaziwayo okukhona nabathe xaxa ngomzimba, bashaye ngesudi yesele. Kulabo saziwayo kukhona nentokazi eyaziwa ngokungadilozi, uZodwa Wabantu.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bebemtusa ngokuba owesifazane onesibindi futhi ongazenyezi ngomzimba wakhe. UKhanyi uthi lokhu kuyakhombisa ukuthi kancane kancane, abantu baya ngokuya bephucuzeka futhi bayafundiseka ngokubaluleka nokuhlonipha izinqumo zabanye abantu.
“Abantu besifazane kumele baqale ngokwamukela imzimba yabo njengoba injalo. Uma umuntu kukhona afisa ukukwenza noma ukukushintsha ngawo akwenze ngokukhulu ukuzethemba engesabi amehlo abantu. Mina ngasithatha kudala isinqumo sokuthi ngenze lokhu okuzojabulisa mina.
“Ngikhumbula ukuthi ngisafika kule mboni yezokungcebeleka abantu babengigxeka bengizonda ngaphandle kwesizathu. Kodwa ngiyajabula ukuthi ngaba owesifazane olimelayo iqiniso. Namanje ngisasho, akulona ihlazo ukuthi uzikhethele indoda enemali noma uhlobo lomuntu ofuna ukuthandana naye njengomuntu wesifazane, inqobo uma ungakweleti muntu noma uphazamise abanye abantu ngokwenzayo,” kusho yena.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi uKhanyi uyabuya emdlalweni wakuSabc1, Uzalo. Ukuqinisekisile ukuthi uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngenyanga ezayo.
“Sengijahe kabi ukuba seThekwini. Ngicabanga ukuthi inyanga ezayo izophela sengishuthela ngakhona. Abantu ababuke Uzalo bazongibona maduze, ngizoshubisa,” kusho uKhanyi.