UMNUZ Bongani Dlamini wenhlangano yabelaphi bendabuko Abelaphi Bendabuko Institute of Traditional Practice
Image: SITHUNYELWE
NGENXA yokwesaba ukudloba nomonakalo ongase udaleke uma kungenzeka ukuthi umlando wokubhoka kwegciwane iCOVID-19 uyaziphinda ezweni, inhlangano yabelaphi bendabuko ebizwa ngokuthi Abelaphi Bendabuko Institute of Traditional Practice, isihlabe ikhwelo lokuthi uhulumeni ungabavaleli ngaphandle abelaphi bendabuko ukuhlomela izifo ezinjena.
Elinye ilungu ale nhlangano, uMnuz Bongani Dlamini, owaziwa ngelikaDokotela Malala Phezulu waseMzinyathi, eNanda, enyakatho yaseThekui, uthe lokhu bakusho ngenxa yokuthi emasontweni edlule kwavela izindaba zokuthi leli gciwane selibuye kabusha e-India.
Izinhlaka zikahulumeni zoMnyango wezeMpilo zaphumela obala zathi phansi amaphaphu ngalokho, zathembisa ukuthi zisiqaphile isimo ngalesi sifo ukuhlomela ukuthi uma kwenzeka siqhubeka nokudla lubi, kube wukuthi sezihlome ngokwanele nangokuphelele ukusiphunga.
"Nakuba sikuqonda lokho kodwa asifisi ukuthi umlando uziphinde wokuthi uma kwenzeka lesi sifo sigcina sifika okwesibili ezweni lethu, sibhubhise njengoba kwenzeka esikhathini esedlule. Yingakho sihlaba ikhwelo lokuthi uhulumeni usebenzisane nathi ukuhlomela lesi sifo ngoba nasekuqaleni, kwagcina kusiza amakhambi esintu njengomhlonyane ukuphunga lo mkhuhlane owawudla lubi, okufakazela khona ukuthi uma singabambisana kuningi okuhle esingakwenza ukunqoba izifo ezinjena," usho kanje.
Eqhuba, uthe ngalokhu abakushoyo abaqondile ukulwa noma ukuphikisana nendlela yokusebenza neyokwelapha izifo esetshenziswayo nethenjwe wuhulumeni, kepha bafisa ukuthi emizamweni eyenziwayo nezokwenziwa nabo bafake isandla kubhekwe phambili.