ABAHOLI bezenkolo bamabandla ehlukene baye esiteshini samaphoyisa ePhoenix izolo ekuseni beyozwa ukuthi amaphoyisa enzani ngokuhlaselwa nokubulawa kwabantu ngesonto eledlule.
Laba baholi bathe babone kukuhle ukuthi bakhumbuze abantu bakuleli ukuthi impilo yomuntu omnyama ibalulekile futhi bafuna kube nokuthula nobulungiswa.
Bathe kuyacaca ukuthi inzondo ekhona ngeke isuswe ezinhliziyweni zabantu futhi izigameko ezifana nalezi ngeke zilibaleke kalula kodwa kumele kube khona ukuthula.
UMbhishobhi Vusi Dube obekhona kule mashi, uthe bakhathazekile ukuthi akukaziwa ukuthi bakhona yini abantu asebeboshiwe njengoba kubulawe abantu abangaphezu kuka 20.
“Sifuna ukugcizelela ukuthi impilo yomuntu omnyama ibalulekile, kufanele engabe sekukhona abantu ababoshiwe. Siyajabula ke kodwa ukuzwa ukuthi ukhona oyedwa oboshiwe yize singazi ukuthi ungomunye wababulali yini,” kulandisa uDube.
Uqhube wathi uma abantu bebulawa abantu bebuka kusho ukuthi ofakazi bakhona. Uthe: “Njengoba kuthiwa abantu ababuyise izimpahla, nathi sithi ababulali abazinikele emaphoyiseni, akekho umuntu ongabulawa ebonwa izwe lonke bese kuyathuleka nje.”
Ukuze kube nokuthula kulesi sifundazwe ikakhulukazi eThekwini njengoba siphila phakathi kwamaNdiya nabantu abamnyama akuboshwe abantu ababulele.
Usomabhizinisi uNksz Zanele Mbokazi naye obekhona kule mashi uthe ukufa kwabantu kanje akwamukelekile.
“Le nto ivusa izilonda eziningi, yingakho sithe asisukume sikhuze umhlola bese sithi akwenziwe ubulungiswa.
Amaphoyisa asho kanjani ukuthi kusaboshwe umuntu oyedwa ekubeni ama-video esabalele kangaka? Abantu bakithi laba ababulawe kanje, kodwa sisamile emkhulekweni sithi isandla sikaNkulunkulu kumele singenelele,“ kusho uNksz Mbokazi.
Okhulumela inhlangano yomphakathi iSouth African Civic Organisation (Sanco) uMnuz Thulani Gamede uthe:
“Sikhathazekile sibona into enje. Sifisa ukuthi uhulumeni ungene umnyango nomnyango kuthathwe izibhamu eziqede abantu bakithi, zibhekwe futhi ukuthi azithinteki yini ekubulaweni kwabantu.”
Uqhube wathi ucela ingalo yomthetho isebenze ngobuqotho wonke umuntu alingane ngaphansi kwayo.