IMOTO ebithwele amakholwa afe engozini
Image: KZN TRANSPORT DEPARTMENT
IBEHLELE sebesendleleni begoduka, bebuya enkonzweni yesiguqo, abazalwane bebandla leZayoni laseMtubatuba, abehlelwe yingozi enyantisa igazi ngakwi-tollgate yaseMthunzini, eMpangeni izolo, maqede kwafa abayisishiyagalombili.
Imibiko iveze ukuthi bebengu-24 abantu ababandakanyeke kule ngozi, abangu-16 abasindile baphuthunyiswe esibhedlela iNgwelezane, kubona kukhona abane okuthiwa balimele kanzima.
Isolezwe lizwe ngekhansela, uMnuz Ntokozo Mlungwana, ukuthi abazalwane bebesuka eDukuduku (ward 2) naseKhula Village (ward 3).
Obedidiyela lolu hambo, ophume nemihuzuko, uMnuz Mathe uthe behlelwa yingozi nje bebesuka eMtubatuba, ebandleni iNtathakusa Church in Zion ngoMgqibelo ebusuku, beyobamba inkonzo yesiguqo ebandleni lezinye iZayoni eGobandlovu, eMpangeni.
ISALE inje imoto ebithwele amakholwa abhubhe engozini izolo ekuseni
Image: Sithunyelwe
“Sikhonze ubusuku bonke, sasuka ngabo-4:30 ekuseni sekuphele inkonzo. Besinganake lutho ngesikhathi sizwa sekuqhuma umsindo omkhulu emva kwemoto yethu, kanti sishayiswa yiloli,” kusho uMathe.
Uthe umshayeli wabo akukho okungafanele akwenzile, wathi kwenzeke konke lokhu yena ehleli ngaphambili eduze komshayeli.
Isolezwe libuye lakhuluma noMfu Vusumuzi Myeni webandla iNew Jerusalem, nalo elingelamaZayoni , obelethelwe isiguqo.
Uthe izinkonzo zalolu hlobo bavamisile ukuba nazo njengoba baye bacele ukuzokhulekiswa uma kukhona okuthile okungahambi kahle kumzalwane othile.
ILOLI okuthiwa lishayise iveni ebelithwele amakholwa
Image: KZN TRANSPORT DEPARTMENT
“Njengenjwayelo, nami bengicele umkhuleko njengoba bengikhathazwa amaphupho amabi, kanti ngilungisela ukwenzela izingane zami umcimbi. Ngibe sengibacela ukuthi ake beze bazongikhulekisa, kanti sebezokwehlelwa yilo mshophi sebegoduka,” kusho uMyeni.
Uthe kubaphatha kabi ukuthi bangabantu bakamoya, abakwazi ukuhosha izinto emoyeni, kodwa kulokhu akubanga khona noyedwa okwazile ukubona ukuthi kuzokwenzeka inhlekelele enje.
Uqhube wathi uzwe ngengozi emva kokuthi enye yezingane zakhe ize kuye igijima neselula, izombuza ukuthi “akubona yini abazalwane abebelana, laba asebehlelwe yingozi”.
“Ubebona sekubikwe ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Ngivele nganikela khona uma ngifika ngathola ukuthi yibo ngempela. Ubuhlungu engibuzwayo, abuchazeki, ngiyaqala ukubona into enje eminyakeni engu-67 esengiyiphile emhlabeni,” kubalisa uMyeni.
Ngesikhathi Isolezwe likhuluma naye uthe usesibhedlela iNgwelezane uyobheka abasindile.
“Sibi isimo. Balimele kanzima abantu bakaJehova,” usho kanje.
Imizamo yokuthola umfundisi webandla abafi ebebekhonza kulo, uNksz Nyawo, ayiphumelelanga, ucingo belukhala lungabanjwa.
UMlungwana uveze ukuthi baphansi phezulu bacinga imindeni yabashonile, ukuze bayiphelezele iyohlonza izidumbu eMpangeni.
Isolezwe lithole ukuthi kukhona isidididi esikhona njengoba kukhona abayocinga esibhedlela abathandiweyo babo, bangabafici, okukhomba ukuthi bakulaba abashonile.
Kuthiwa abanye baya lapho kugcinwe khona izidumbu, bafike bathole ukuthi abathandiweyo babo basesibhedlela.
UMphathiswa woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe baphatheke kabi ngoba kube nenhlekelele enje ngosuku lokubungaza omama.
“Sithole izindaba ezingemnandi zokufa kwabantu engozini, okusiphatha kabi kakhulu wukuthi kwabashonile, baningi omama.Ukulahlekelwa wumama yinto ebuhlungu kakhulu ngoba kusuke kuza nolukhulu uguquko,” kusho uDuma, othe uzwakalisa okukhulu ukudabuka emindenini yabashonile.
Uthe usejube ithimba elizoxhumana nabemindeni eshonelwe kanjalo nesonto elithintekayo, wathi useyalele nokuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ngengozi.
Ubalule ukuthi zimkhalele umshayeli weloli elidale ingozi.
Related Topics: