USALE emabokoboko umlisa othi ushaywe onogada benkampani ezimele ngesikhathi efesa eMt Edgecombe Isithombe : SITHUNYELWE USALE emabokoboko umlisa othi ushaywe onogada benkampani ezimele ngesikhathi efesa eMt Edgecombe Isithombe : SITHUNYELWE
AFUNA ukubona ubulungiswa amadoda amabili asola onogada benkampani ezimele ngokubabolisa ngenduku bebasola ngokubhema insangu esidlangalaleni befesile.
UMnuz Sipho Gekana noMnuz Thulani esingatholakalanga isibongo sakhe, kuthiwa bahlaselwe onogada bafike bababuza ukuthi bayishukelani insangu, kwaba ukuphendula bethi akuyona, baqala bashaywa.
Lesi sigameko senzeke eMt Edgecombe lapho inqwaba yabantu ivame ukuhlangana khona icuphe uma kuvela amatoho izibambele wona.
UMnuz Abongile Ndziba obefesa nabagilwa, uthe ubonile ezinye iziwombe ezinzima zokushaywa kwabangani bakhe wathi kufanele kube nobulungiswa bajeziswe abasolwa.
Uthi laba abashayiwe bathathwe bafakwa emotweni bahamba nabo bayobashayela kude bebasabisa nangesibhamu.
Naye lo mlisa ozibonele uthi usinde ngokulambisa kwayena ngoba uthe uyabuza ukuthi benzeni abangani bakhe bathelekela yena.
“Ngibaleke ngazephula bezama nokungishayisa ngemoto yangigeja bangihubha ngaze ngangena esimobeni. Ngize ngasizwa enye inkampani yonogada ngafonela amaphoyisa angafika ngaze ngaziyela esiteshini ngayobika lolu daba,’’ kulanda uNdziba.
Uthe omunye wabangani bakhe oshaywe kabuhlungu ungeniswe esibhedlela esesimeni esibucayi eshaywe izingozi ekhanda nasemzimbeni.
“Uma esho uthi baboshwe ngozankosi baboliswa ngenduku omunye wabo wasinda ngokulambisa bethi bayamamdubula emobeni wabaleka. Konke lokhu asikwazi ukuthi kusukelaphi ngoba alikho icala abebelenzile bebehleli befesa. Uthe kuyinsakavukela umchilo wesidwaba kule ndawo ukuthi onogada bezishayele nje abantu ngapandle kokubathola benza ubugebengu wathi abanye bagcina ngokushona balahlwe ezimobeni kungaboshwa muntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi kunamacala avuliwe emuva kokushaywa kwalaba balisa.
Uthe udaba lwedluliselwe emaphoyiseni asePhoenix. Uthe ngenhlanhla abagilwa bakwazile ukuphunyuka babaleke olakeni lwabasolwa abebebapheke ngobhojwana ngesibhaxu.
“Kuvulwe amacala amathathu: elokushaya, elokuthumba nelokuzama ukubulala emuva kokuthi abalisa ababili beshaywe kanzima kwaba nokuqhuma kwesibhamu. Kunabalisa ababili benkampani yonogada ezimele ababoshiwe maqondana nalolu daba,’’ kusho uCol Mbele.