Izindaba

Abe-UIF noxhaso lwezigidi ukutakula iposi ukuze kukhokhelwe abasebenzi

Mhlengi Shangase|Published

ISouth African Post Office (SAPO) ithole uxhaso lukaR81 million

Image: Bhekikhaya Mabaso/Independent Newspapers

ISIKHWAMA esisiza abaphelelwa wumsebenzi i-Unemployment Insurance Fund (UIF), sizofaka ngaphezu kukaR381 million, ezinhlelweni zokutakula abasebenzi baseposini abangu-6 000.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezabaSebenzi uNksz Nomakhosazana Meth, emuva kwesivumelwano esisayinwe yiSouth African Post Office ne-UIF.

Uthe le mali izosiza abasebenzi abangu-5 956, ukuze iposi likwazi ukuba nohlelo lokuzivuselela kabusha. 

Le mali izofakwa ngaphansi kohlelo i-Temporary Employer-Employee Relief Scheme (TERS).

Izofakwa isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha.

"Isinyathelo esibalulekile esizosiza abasebenzi baseposini ukuze lesi sikhungo sibuyelwe wukwethenjwa emphakathini. Uhlelo lweTERS akulona nje olokufukula abasebenzi ngemali kodwa olokuqinisekisa ukuthi akekho osala ngaphandle ngoba nesikhungo siyavuselelwa."

Uthe le mali izobhekwa ngelokhozi ukuthi isebenza ezinhlelweni ezifanele.

"Izofakwa njalo ngenyanga kanti iposi kumele lilethe umbiko wokuthi lizilungisa kanjani izinto. Ngaleyo ndlela imali kuzobonakala ukuthi yenza okufanele."

Uveze ukuthi ikomiti leTERS lihlanganisa izinhlaka neminyango ehlukene kuleli.

Lineminyango ehlukene okubalwa owezamaBhizinisi amaNcane, oweMfundo ePhakeme nezinye izinhlangano.