INHLANGANO elwela amalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ithi indodana kaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Edward kufanele ahlawule u-R100 000 ngencwadi ayibhala eyayibiza owayengungqongqoshe wezokuvakasha uMnuz Derek Hanekom ngomdayisi yathi owayengungqongqoshe wezimali uMnuz Pravin Gordhan uyisichuse sosomabhizinisi abamhlophe.
Le ncwadi eyasabalala ngoJulayi wonyaka odlule ezinkundleni zokuxhumana yagxekwa nxazonke kanti uZuma (Edward) waxolisa emuva kokuthola ingcindezi kwi-ANC ukuthi ahoxise inkulumo yakhe noma uzothathelwa izinyathelo.
Inkantolo yezokulingana yanquma ukuthi le ncwadi iyinkulumo egqugquzela inzondo.
Izolo uSihlalo weSAHRC uMnuz Bongani Christopher Majola emaphepheni asenkantolo yeMantshi eThekwini uthe le ncwadi yayisabalele ezinkundleni zokuxhumana, igqugquzela udlame kubantu baseNingizimu Afrika futhi yize uZuma waxolisa ngayo kodwa isixoliso sakhe sasiya kuGordhan, Hanekom ne-ANC akazange axolise kubantu baseNingizimu Afrika.
Uthe akazange axolise emphakathini wamaNdiya ayewutshele ukuthi afike eNingizimu Afrika ezohlahla umoba kodwa asekhipha abamnyama inyumbazana.
UZuma eziphendulela emaphepheni asenkantolo uthe kufanele iSAHRC ize nobufakazi ukuthi incwadi yakhe yadala udlame emphakathini nokuthi yabacasula abantu baseNingizimu Afrika.
Uthe uMajola uthatha umbono wakhe bese ewenza owabantu baseNingizimu Afrika futhi ucela inkantolo iluchithe lolu daba.
Icala liyaqhubeka ngesonto elizayo.