UMUFI, uMnuz Sindiso Magaqa, owasocongwa eMzimkhulu
Image: Sigciniwe
AZOBE ephume ngezinkani amalungu e-ANC Youth League (ANCYL), ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele walolu phiko, uMnuz Sindiso Magaqa.
Amalungu e-ANCYL eholwa uMengameli wawo, uMnuz Collen Malatji, azozifikela mathupha eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, namhlanje.
Inkantolo kulindeleke igwebe inkabi evume ukusoconga uMagaqa, uSibusiso Ncengwa.
UNobhala Jikelele we-ANCYL, uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, uthe bafuna ukuthi uNcengwa athole isigwebo esimfanele.
"Icala selifike esigabeni esibalulekile. Sekuseduze ukuba sithole ubulungiswa. Iqiniso ukuthi salahlekelwa omunye wethu. Ukuhambela kukaMalatji icala kukhombisa ngokusobala ukuthi sizimisele ngokuthola ubulungiswa."
UNgudle unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi babo.
Ubuholi be-ANCYL esifundeni iMoses Mabhida bumemezele ukuthi buzokuba nombhikisho ngaphandle kwenkantolo.
UMagaqa wadutshulwa ngo-2017, ebuya emhlanganweni wamakhansela.
Ngesikhathi esocongwa wayeyikhansela kuMasipala waseMzimkhulu.
Kuthiwa wabulawelwa ukukhononda ngenkohlakalo eyayenzeka kulo mkhandlu.
UNcengwa, ongumsolwa wesine kuleli cala, wagonyuluka ngokuba ingxenye yetulo lokusoconga uMagaqa.
Ekuvumeni kwakhe icala, uNcengwa waninda abanye abasolwa kanye nabantu abangaboshiwe kuleli cala.
Waveza ukuthi bahlukaniselana u-R120 000 emva kokudubula uMagaqa.
UNcengwa wathi wabuye wathola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi empeleni imali ababeyikhokhelwe ngokubulala uMagaqa kwakungu-R600 000.
UNcengwa wabuye wavuma necala lokuzama ukubulala ababengamakhansela ngaleso sikhathi, uNksz Jabulile Msiya noNksz Nonsikelelo Mafa, ababehamba noMagaqa mhla edutshulwa.
UNcengwa waphinde wavuma necala lokuzama ukubulala uMnuz Nceba Mazongolo, owayedlula ngendlela mhla kudutshulwa uMagaqa.
Kuleli cala uNcengwa uboshwe kanye noMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, noMlungisi Ncalane.
UNcalane kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala ngenxa yokuphazamiseka emqondweni.
UMyeza noMpofana bona bayaqhubeka nokuphika icala, kanti icala labo lizoqulwa ngo-Okthoba.
Related Topics: