IYAVUTHA ikhokhasi yamakhansela e-ANC kuMasipala waseMtubatuba ikhala ngemeya athi ilaxaze imoto ngoba isaba ukuthi inotokoloshe, yathenga entsha ceke ngemali kamasipala.
Amakhansela athi iMeya uMnz Velangenkosi Gumede iyeke imoto iJeep Cheerokee emnyama yaze yadayiswa ngoba isaba ukuthi uma ihamba ngayo ingase ibeke impilo yayo engcupheni ngoba icushwe ngotokoloshe.
Amakhansela uma ekhuluma le ndaba kuvele kuthi awazisakaze phansi ngoba asola imeya ngokuchitha imali yomkhandlu entweni engenasidingo.
Umthombo uthe le moto eyiJeep neshaya ngezinombolo ezithi Mtuba 1, yayihamba imeya eyakhishwa esikhundleni uMnuz Qhina Mkhwanazi.
Yiyona leyo moto okuthiwa imeya ibingafuni nakuyithinta njengoba isihamba ngeToyota Fortuner entsha.
Imithombo ithi ngendlela amakhansela e-ANC adinwe ngayo, acebe imeya kuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Kuvele ukuthi uNkk Dube-Ncube ubehambele lo umasipala ngoLwesine ngenxa yokukhungathwa yizinkinga.
Kuthiwa ngesikhathi kukhona uNkk Dube-Ncube kusukume elinye lamakhansela lamtshela ukuthi abayizwa le ndaba yemeya esaba otokoloshe.
Isitatimende esikhishwe wumnyango siveza ukuthi uNkk Dube-Ncube unike imeya ithuba lokuphendula ngendaba yemoto enotokoloshe yavuma ukuthi yayiyeka imoto kodwa yayichitha eyotokoloshe. Ichaze yathi iyibone ingasaphephile ngoba isihambe yafika ku-110 000 km.
Okhulumela ikhokhasi ye-ANC kulo masipala uMnuz Siyabonga Khumalo, uthe ziningi izinto ezingahambi kahle kumasipala futhi bazibikile zonke kungqongqoshe.
Uthe udaba lwemoto alusalanga ngaphandle ngoba abahambisani nokuthengwa kwemoto entsha.
“Le moto endala isesimeni esihle kabi, siyaxakeka uma kuthiwa ayisafuneki sekuthengwe entsha. Lokhu kukatokoloshe emotweni asikwazi kahle sakuzwa nje kuthiwa kuke kwashiwo yiyona imeya ngesikhathi ikhuluma udaba lwemoto,’’ kusho uKhumalo.
Imenenja kamasipala uMnuz Jeconia Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi yashintshwa imoto yemeya ngoba yayindala kakhulu.
“Kuyiqiniso ukuthi ayisekho iJeep eyayihamba imeya eyaphuma kodwa ngeke ngiyikhulume eyotokoloshe. Imeya ayikaze isho ukuthi yesaba otokoloshe emotweni kodwa siyishintshele ukuguga kwayo ngoba sifuna ebiza kahle ezokwazi ukusiza uma imeya yenza umsebenzi wayo,” kusho uMngomezulu.