KUDUTSHULWE kwabulawa inyanga isepulazini esebenza kulo oThongathi, ngeSonto ebusuku.
Le nyanga (38) elingeke lidalulwe igama layo ngoba izihlobo zayo bezingakaziswa ngokushona kwayo, kuvele ukuthi idabuka eMalawi, ibisebenza epulazini elilolonga amahhashi i-Equestrian Estate.
Kuthiwa kufike amadoda amane abehamba ngemoto encane, amabili egqoke umfaniswano wamaphoyisa.
Abasebenza epulazini bathi kube nokuhilizisana phakathi kwalaba bantu nenyanga kubangwa umsebenzi wenyanga.
Abalisa bagcine sebefuna imali ngoshova kuyo inyanga.
Kuthe uma inqaba ukubanika base beyayidubula.
Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa abafike endaweni yesigameko izolo ezintathakusa ngemuva kokubikelwa baveze ukuthi laba balisa kuthiwa bafike kuleli pulazi babuza lo msebenzi ebebembiza ngegama.
Bayalelwe indlu ahlala kuyo. Kuzwakale ukuphendulana ngamazwi ngesikhathi bengaphakathi.
“Umufi uzame ukubaleka, oyedwa wabo wamdubula amahlandla amathathu elilodwa ekhanda namabili emzimbeni,” kusho isitatimende sakwaReaction Unit.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCapt Nqobile Gwala uthe lo msebenzi okuthiwa ungowaseMalawi kuthiwa ubengumelaphi wendabuko.
“Kusolwa ukuthi abasolwa abane ebebezenza amaphoyisa bangene endlini obekuhlala kuyo umufi ngo-11 ebusuku ngeSonto. Bamdubule engalweni, kwesingezansi nasekhanda maqede babaleka bangena emotweni. Umufi uphuthunyiswe esibhedlela, washona ngemuva kwesikhashana engeniswe khona,” kusho uCaptain Gwala.
Uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa oThongathi. Imbangela yokubulawa kukamufi ibingakaziwa,” kusho uCaptain Gwala.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kwabanikazi bepulazi okubulewe kuyo umufi ayiphumelelanga.