AMALUNGU ezinhlangano eziqhuba umkhankaso wokwehlisa uphethroli afunga ayagomela ukuthi ngeke aze avote ngonyaka ozayo uma uphethroli neVAT kungehliswa.
Izolo iqulu labantu abavela ezinhlanganweni ezahlukene limashe lisuka kuBotha liya eCity Hall eThekwini lapho lethule uhlu lwezikhalo zalo kwiPhini leMeya eMkhandlwini weTheku, uNkk Fawzia Peer.
Le mashi engazange ibe nesasasa ebelilindelekile ibiholwa yinhlangano, iPeople Against Petrol & Paraffin Prices Increase (Papppi) kaMnuz Visvin Reedy owake waba yikhansela le-ANC eThekwini noMbhishobhi Bheki Ngcobo webandla laseZayoni odume ngokweseka uMnuz Jacob Zuma.
UReddy onguMdidiyeli kazwelonke wePapppi, uthe: “Sithi kulezi zinhlangano zezombusazwe ezisibukayo njengoba silwa indaba yokwenyuka kukaphethroli, azingezi kithina sezifuna sizivotele ngonyaka ozayo ngoba kuyacaca ukuthi azibafuni abantu abampofu,” kusho uReddy.
Uthe ukwenyuka kukaphethroli kushaya kakhulu abantu abampofu ngoba abanayo imali.
UNgcobo uthe uma uphethroli neVAT kungehliswa abalubhadi okhethweni.
“Uma bekuwukuthi kujwayeleke ukuthi sikhuluma izinto zingenzeki lokhu esikushoyo manje kuzokwenzeka,” kusho uNgcobo.
Uthe uphethroli ungehla kuleli uma uhulumeni engalalela izikhalo zabantu.
“Sifuna uphethroli wehle ilitha libe uR8 neVAT yehle isuka ku-15%, ibe ngu-12%,” kusho uNgcobo.
Uthe bafuna futhi ukuthi inkampani iSasol ifakwe ngaphansi kukahulumeni.
Iqembu lezombuszwe ebeliyingxenye yemashi izolo bekuyiBlack First Land First (BLF) eliholwa uMnuz Andile Mgxitama.
Ababhikishi bebephelezelwa imoto ethwala izidumbu, kuyona kukhona ibhokishi lomngcwabo.
UNgcobo uthe ngaleli bhokisi bebekhombisa ukuthi bayayingcwaba indaba yaphethroli obizayo.
Ababhikishi bebegxibha uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa bethi ucindezela abantu abahluphekayo ngokuvumela ukwenyuka kukaphethroli ngaleli zinga. Kumanje ilitha likaphethroli lingu R16, okuyinto engakaze yenzeke.