UCWANINGO lweThe Migration Project, okuyinhlangano ehlose ukwakha ubudlelwano obuhle kwabokufika nabakuleli, luveza ukuthi akusilo iqiniso ukuthi benza imali ephindaphindiwe uma beqhathaniswa nabakuleli.
Lezi zindaba zidalulwe izolo ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iThe Migration Project.
UNksz Lily Hlophe obhekelele izinhlelo zeThe Migration Project, uthe ucwaningo lwabo lwenziwe kubantu bokufika nabakuleli abahlala KwaMakhutha, eSiphingo, eMlaza, KwaMashu naseSydenham. Uveze ukuthi yize izigameko zokuhlaselwa kwabantu bokufika zenzeka kwezinye izingxenye zezwe kodwa zivamise ukuba nodlame kakhulu ezenzeka eThekwini.
“Ucwaningo lwethu belubheka izinto ezihlukene kusukela ekutheni abantu bokufika benza maphi amabhizinisi, benza malini ngenyanga nokuthi bazizwa bephephile yini. Sithole ukuthi iningi labo lenza ngaphansi kukaR3 500 ngenyanga. Okuyimali eyenziwa nangabantu bakuleli. Bancane kakhulu abengenelwa yimali ewuR10 000 kuya kuR50 000 ngenyanga. Kulowo mkhakha akukho noyedwa owesifazane ngoba abaningi bezenzela imali encane,” kusho uNksz Hlophe.
Iningi labokufika elihlala emalokishini obekwenziwa kuwo ucwaningo ngabaseCongo, Burundi, Ethiopia, Mozambique nakwamanye amazwe ase-Afrika.
Uthe iningi labo linezipaza, nezindawo zokucwala izinwele, likhanda izimoto lenze neminye imisebenzi. Wathi abangu-47% kubantu bokufika sebeke bacwaswa kanti abangu-47% bathi abaziboni bevikelekile kwezomthetho. Abangu-88% badalule ukuhlaselwa kwabokufika njengenkinga enkulu ababhekene nayo kanti u-63% ukhale ngobugebengu.
Osomabhizinisi bakuleli abebeyingxenye yocwaningo bathe basebenzisana kahle nabokufika futhi bayakhathazeka uma behlaselwa. Abaningi bathe bayaqonda ukuthi abantu bokufika beza kuleli ngoba befuna impilo engcono. Likhona nedlanzana elithe akudikizi nqulu uma kuhlaselwa abokufika.
UMbhishobhi Rubin Phillip, onguSihlalo weKZN Social Cohesion and Moral Regenaration Council, ucele abantu bakuleli ukuthi baphilisane nabokufika. Wathi kuningi abangakuzuza uma bephilisana nabo kusukela kumakhono abangenawo nolunye ulwazi.
Uveze nokuthi ubize umhlangano wokudingida umsebenzi weKZN Social Cohesion and Moral Regeneration Council, ngoba akakholwa ukuthi ikwenza konke eyayisungulelwe kona njengoba ishaya ngonyawo lonwabu.
UNksz Noluthando Lamula, obhekelele ezokuxhumana kwiThe Migration Project, uveze ukuthi abokufika banezingqinamba ezihlukene, abanye basebenzisana kahle nabakuleli kodwa abanye bayagqekezelwa futhi bahlukunyezwe.
I-The Migration wuhlelo oluxhaswe yi-European Union, olwenziwa yiDemocracy Development Program neKonrad-Adeneur-Stiftung (KAS).