I-ANC ayikafuni ukuphumela obala ngezinhlelo zayo zokuhlangana nowayengumengameli wayo kanye nezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Abaholi abaphezulu abayisithupha kwi-ANC, kulindeleke ukuthi bahlangane noZuma maduze, ukuze babhunge ngokushaya kwakhe indiva umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, omyalela ukuba avele phambi kweKhomishini ephenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso iDlanzana.
Nakuba uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, ekuqinisekisile ngoLwesihlanu ukuthi bahlela ukuhlangana noZuma, kepha akazange aphumele obala ngezinhlelo zalo mhlangano.
UMagashule wathi bazozimemezela uma seziphothuliwe zonke izinhlelo zokuhlangana noZuma.
Isinqumo sokuthi ubuholi obuphezulu buhlangane noZuma sathathwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC, emasontweni amabili edlule.
Kuloyo mhlangano, isigungu esiphezulu sathatha isinqumo sokuthi wonke amalungu e-ANC kufanele ayihloniphe ikhomishini eholwa iJaji Raymond Zondo, sabe sesiyalela ukuba ubuholi obuphezulu buhlangane noZuma ukuze buzwe izizathu zakhe zokunqaba ukuvela phambi kwale khomishini.
Kulindeleke ukuthi abaholi abaphezulu babikele isigungu esiphezulu ngabakutholile uma sebehlanganile noZuma.
Imizamo yokuthola okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, ukuba achaze ngezinhlelo zalo mhlangano, ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Uthunyelwe umyalezo, wabe esethembisa ukushayela ucingo intatheli, kepha kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakashayi. Kanjalo nokhulumela uZuma, uMnuz Vukile Mathabela, naye akazange atholakale.
Lo mhlangano uza emva kokuvakasha kwabaholi abaningi emzini kaZuma, kulandela ukuthi uZuma ephumele obala wathi uncamela ukuboshwa ukunokuyophendula imibuzo phambi kweKhomishini kaZondo
Phakathi kwalabo asebeke bavakashela emzini kaZuma oseNkandla, kubalwa umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, nobuholi benhlangano yomakadebona kwi-ANC, uMkhonto weSizwe Military Veterans Association.