UKUSHUMAYELA ivangeli lokufuna ukwamukelwa, ukuhlonishwa nokungacwasa ngenxa yempilo abayiphilayo, yizona zinto ezizoba seqhulwini emcimbini i-eThekwini Pride ozobe wenziwa okokuqala nonyaka, ngenhloso yokulwa nezinkinga ezibhekena nabantu abathandana nabobulili obufana nobabo, okwenza bazibone bengamukelekile emphakathini.
Lo mcimbi ozobe uvuleleke kuwo wonke umuntu futhi okuzobe kungenwa mahhala kuwona, uzoba se-Ushaka Marine Beach, ngoMgqibelo, kusuka ngo-10 ekuseni kuya ku-10 ebusuku, lapho okuzobe kulindelwe ukuthi kubuthane abantu abangaphezu kwa-500.
Umhleli walo mcimbi uMantsha Khuzwayo, uthe benze ngamabomu ukuthi ube ngenyanga uJuni ngoba beqonda ukuthi le nyanga akuyona eyokuqhakambisa imisebenzi emihle yabantu abasha kuphela, kepha yaziwa nangokuthi yi-Pride Month.
Uthe bahlose nokufundisa abantu ukuhlonipha nokwamukela abantu abathandana nobubuli obufana nobabo.
UMSAKAZI woKhozi FM, uSelbeyonce, ngomunye wabazonandisa emcimbini i-eThekwini Pride ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
"Sizohlanganyela ukugqugquzela ukuthi kwamukelwe impilo esiyiphilayo nendlela esiyiyona yingakho umcimbi wethu sizowuqala ngokuthi simashele edolobheni, sisuka eShaka Marine size siyofika ngasesiteshini samaphoyisa esiseduze nathi, senzela ukuthi kuzwakale zonke izinkinga zethu nokusikhathazayo ukuze kuphele ukucwaswa emphakathini," usho kanje.
U-DJ Cndo ngomunye wabazonandisa emcimbini i-eThekwini Pride ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe kuzothi kungaqedwa lapho bese kubuyelwa ebhishi lapho bezobe benze umcimbi okuyidili lomculo okuzonandisa kulona uDJ Happygal, DJ Cndo, Mprue nomsakazi woKhozi FM uSelbyonce.
UMSAKAZI weGagasi FM, uDJ Happygal, ngomunye wabazonandisa emcimbini i-eThekwini Pride ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
"Akuzukuphelela lapho, njengoba kuzothi khona lapho emcimbini sihambise uhla lwezikhalazo zethu ezikhulwini zomkhandlu woMasipala weTheku ngenhloso yokuthi kwazeke ngokusikhathazayo ngenhloso yokuthi kulunge," kusho uMantsha.
UMPRUE womunye wabazondanisa emcimbini i-eThekwini Pride ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
Uthe kuningi abantu okusamele bafundiseke ngakho ngempilo abayiphilayo, ukusiza ukugwema ukuthi bangabi nenkolelo yezinto ezingelona iqiniso okukhohliswana ngazo.
UMHLELI womcimbi i-eThekwini Pride, uMantsha Khuzwayo
Image: SITHUNYELWE