KUGQUGQUZELWA izinhlangano zomphakathi ukuthi zizame ezinye izindlela zokungenisa imali njengoba uxhaso oluvela ezinkampanini ezizimele lwehle ngo-7% lwaba wuR10.3 billion kulo nyaka.
Ngonyaka odlule izinkampani ezizimele bezixhasa izinhlangano ezisiza umphakathi ngoR10.7 billion kodwa le mali yehlile ngenxa yokugadla kweCovid-19 nokuthikameza komnotho.
Lezi zindaba zidalulwe izolo emhlanganweni owethulwe ngezobuchwepheshe (webinar) yeTrialogue, ebizwa ngeState of CSI (Corporate Social Investment).
ITrialogue, yinhlangano ebheka ukusebenzisana kwezinkampani ezizimele nomphakathi ibuye yenze ucwaningo. Omunye wabacwaningi beTrialogue uNksz Angie Richardson, uthe kubalulekile ukuthi izinhlangano ezisiza umphakathi zikwazi ukuzimela noma zingalutholi uxhaso lwezinkampani ezizimele.
“Izinhlangano ezisiza umphakathi esikhulume nazo, ziyazama ukwehlisa ukuncika ekuxhasweni yizinkampani ezizimele. Kubalulekile ukuthi zikwazi ukuzenzela imali ngoba isimo somnotho neCovid-19 kunciphisa imali yezinkampani ezizimele. Sizokwenza isibonelo semitholampilo ebizwa nge-Unjani, esiza umphakathi ngezempilo ezingambi eqolo,” kuchaza uNksz Richardson.
I-Unjani, ibuye yaklonyeliswa ngendondo yeCSI, ngomsebenzi ewenzayo.
Umqondisi weTrialoque uNksz Cathy Duff, uthe izinkamani eziningi ziyehlisile imali eziyifaka ezinhlanganweni zomphakathi.
“Ucwaningo lwethu lutholakala kusomqulu esisanda kuwushicilela obizwa ngeTrialoque Business in Society Handbook. Sithole ukuthi ukuqubuka kweCovid-19 kube nomthelela omubi kwinzuzo eyenziwa yizinkampani. Lokhu kwenze ukuthi zingakwazi ukuba nemali eningi ezizoyitshala ezinhlanganweni ezisiza umphakathi,” kuchaza uNksz Duff.
Izinkampani ezikwi-Top 100 yakuleli, yizona eziqhubekile nokuxhasa izinhlangano ezisiza umphakathi. Uthe okwenzeke eNingizimu Afrika, kuhlukile kunokwenzeke e-USA, lapho izinkampani zitshale imali eningi ezinhlanganweni zomphakathi ukuwusiza ukubhekana neCovid-19.
Uveze ukuthi ezinye izinkampani zakuleli bezinganikeli ngemali kodwa bezikhipha izinsiza ezithile ukuze izinhlangano zomphakathi zikwazi ukulekelela abantu. Imali eningi ifakwe emkhakheni wezemfundo, kulandele ezolimo nokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele nokubhekelela izinhlekelele.
“Izinkampani eziningi zifake imali kwezemfundo kodwa nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi sibone zibhekelelwa. Imali eningi ifakwe ezinhlanganweni ezisiza umphakathi eGauteng, kwalandela iKwaZulu-Natal kwagcina iWestern Cape,” kusho uNksz Duff.