KHETHA SANGWENI
UHLANGOTHI lweSilo uMisuzulu kaZwelithini, luthi lufisa icala lombango wesihlalo sobukhosi lisheshe liphele ngoba ligugisa amaphakethe kulona. INdlunkulu kaZulu ifakane eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ibanga isihlalo sobukhosi namafa eSilo esibuzile uZwelithini kaBhekuzulu.
Icala laseNdlunkulu belisezithebeni zenkantolo kuleli sonto, lilalelwe yiJaji Mjabuliseni Madondo, elisigodlile isinqumo lathi lizobuye lisikhiphe.
Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu, udlane indlebe neSolezwe ngeSonto ngesikhathi esenkantolo, wakhala ngokuthi icala liyasiphundla iSilo emalini. Kuvele ukuthi iSilo sesichithe imali ecela ku-R7 million selokhu kuqale icala.
“ Sikhathazekile impela sekusiza khona ukuthi kukhona amaZulu athanda ubukhosi ayaxhasa ngoba kuyaziwa ukuthi siphila ngeminikelo. Manje lokhu okutholwa yiSilo, kufanele ngabe siyadla siyakudela siyonika abameli. Cishe sesikhiphe uR7 million selokhu liqalile icala,’’ kusho uMntwana uThulani.
UMntwana uThulani ukhala ngezindleko nje, bamelwe wuqweqwe lommeli u-Advocate Griffith Madonsela SC. Uhlangothi oluphikisana nokubekwa kweSilo uMisuzulu luhlasela ngo-Advocate Nigel Redman SC. Isabelomali saseNdlunkulu esicela kuR70 million esivela kuhulumeni, sisamisiwe ngenxa yombango oqhubekayo enkantolo.
UNobhala wenhlangano yamakhosi i-Organisation of Indigenous Leaders of South Africa (OILSA), inkosi uThanda kaMpiyezintombi Mzimela, ithe iSilo sizonqoba kulolu daba. Inkosi uMzimela ithe njengoba icala liqulwa ngenyanga yesikhumbuzo sempi yaseSandlwana, kuzosebenza lowo moya wokunqoba impi.
“ Kulokhu iSandlwana siphenduke saba phakathi eNdlunkulu, kuyaliwa. Sibonga amabutho ngokuphuma ezokweseka inkosi ngoba bayingubo yeSilo. Noma ngingawazi umthetho kodwa kuyathembisa ukuthi abameli beSilo bagadla kahle, sengathi udaba luzosivuna impela,’’ kusho inkosi uMzimela.
Isolezwe ngeSonto lihabule nokuthi kungase kwethulwe umbiko wethimba eliholwa nguMnuz Willies Mchunu, elajutshwa ukuba lizame lithole isisombululo ngodaba lwaseNdlunkulu. Kuthiwa umbiko ungase wethulwe ngesonto elizayo, esigodlweni KwaKhangelamankengane.