BANGASE babhekane nezimbila zithutha abasolwa ngobutabane abazohambela umhlangano wamaNazaretha, aseBuhleni kaJulayi njengoba sekusabalele amahlebezi okuthi bazothelwa isibhaxu uma beke bafika.
Amalungu aleli bandla okuthiwa adinwe ayaveva ngezitabane okuthiwa uma zisemhlanganweni noma entabeni zisuke zize emfuleni wokweshela, noma ziye ocansini nezithandana nabo, ahlanganise uhla lwamalungu lwabasolwa ngokuba yizitabane athi kumele bathelwe induku uma befikile. Abanye kulaba abakulo luhla kuthiwa bathatha amantombazane nabafana babathembise ukuthi bazokwelashwa njengoba kuzobe kuzokhulekwa, uma sebefike babajikele babanukubeze.
Kulolu hla kukhona amagama abesilisa nabesifazane, nemininingwane yokuthi baphuma kweziphi izindawo.
Lolu hla lubhalwe ukuthi ‘Sikhipha isitabane eBuhleni, ingqikithi kaJulayi” bese kulandela amagama alabo abasolwa ngobutabane.
Lolu luhla Isolezwe elinalo lusatshalaliswa emalungeni ebandla ngema-SMS noma ngoWhatsapp kodwa okhulumela leli bandla, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ubengakezwa ngalo.
NgoJanuwari abasolwa ngokuthi bayizitababane bathola isibhaxu, entabeni, iKhenani.
Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi uthe abasunguli balolu hla badinwe ukuthi cishe wonke amasonto kubikwa izigigaba okuthiwa zenziwe ngabasolwa ngobutabane emathempeleni, abazigqajayo ngokuthi baningi futhi bona banemali.
“Abanye abantu abasolwa ngobutabane abakhokheli, abafundisi nabanye abantu abanezikhundla ebandleni. Basolwa ngokuthi basebenzisa izikhundla zabo ukubiza abagilwa,” usho kanje.
UMncwabe uthe ibandla labo alibandlululi futhi abababuzi abantu abangalungu abo ngesikhathi bebhabhadiswa ukuthi baphila yiphi impilo.
“Uma eyinhlalisuthi simthatha njengomuntu wesilisa kanjalo nowesifazane uma egqoka isiketi simthatha njengowesifazane. Siyazi ukuthi phakathi ebandleni bakhona abaya ocansini nabanobulili obufana nobabo kodwa lokhu akuvunyelwe ukuthi kwenziwe esontweni ngoba nabashadikazi abavunyelwe ukuya ocansini ngesikhathi somhlangano ngoba le ndawo ngeyokuthandaza,” kusho yena.
UMnuz Willington Myeni womkhandlu ovikela ukuhlukunyezwa kwamaNazaretha, iNazareth Judiciary Council, uvumile ukuthi lolu hla uke walubona wathi kodwa bayaphenya.
“Ukushaywa kwabantu esontweni akuvumelekile, abayitabane kumele bazi ukuthi njengoba besebandleni lamaNazaretha kumele balandele imigomo ebekiwe,” usho kanje.