Izindaba

AbaseBuhleni babhekene nomqansa ekuqwaleni intaba

Thokozani Ndlovu|Published

UNYAZILWEZULU okunezinsolo zokuthi luzothumela abefundisi ukuhola uhambo lwasentabeni UNYAZILWEZULU okunezinsolo zokuthi luzothumela abefundisi ukuhola uhambo lwasentabeni

ABHEKENE nengwadla amaNazaretha aseBuhleni ngokunyuka intaba iKhenana, okungacaci noma azogcina efikile yini kuyona emuva kokuvela kwezindaba ezithi abaseThembezinhle banetayitela lentaba, elikhomba ukuthi ngeyoThingolwenkosazana.

Lokho kusho ukuthi kabakwazi ukuya endaweni yoThingo ngenxa yokuthi wonke amafa ebandla asenikwe uhlangothi oluvunwe yinkantolo, lwenkosi Phinda Shembe.

Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, uNyazilwezulu olungaseyena umholi wamaNazaretha osemthethweni, lumemezele ngeSabatha eledlule ukuthi abaseBuhleni bazoqwala intaba kusuka ngomhla ka 5 Januwari babuye ngomhla ka 22, okuyinto ephambene nenqubo yebandla ngoba umhlangano kawukhishwa umuntu ongeyena umholi.

Leli phephandaba lihoshe izindaba ezithi abaseBuhleni bangase baphelele eHomisi, okuyindawo ebude buduze nentaba eyingcwele iNhlangakazi ngoba umthetho kawubavumeli ukuthi bafike eKhenana.

“IKhenani yindawo yoThingo elwayisikelwa yinkosi yesizwe yakwaGcwensa ukuthi luyisebenzise ezintweni ezithinta ibandla. Lwaze lwayiqamba ngokuthi kuseBambanani. Ngesikhathi uNyazi lumemezela ukuthi abaseBuhleni bazoya entabeni iKhenana, kalubatshelanga iqiniso lokuthi bangase baphelele eHomisi uma kungukuthi amaphoyisa ayabavimba. Ngisho nomhlangano wokuya entabeni kalubachazelanga abantu ukuthi uzoholwa wubani njengoba luhlongoza ukuthi uholwe ngabefundisi njengoba lona seluphuciwe amandla obuholi. Kwakhona ukuthi umhlangano uholwe ngabefundisi yinto engakaze yenzeke kumaNazaretha,” kusho umthombo.

Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, ukuqinisekisile ukuthi umhlangano uzophuma ngoJanuwari 5 ubuye ngomhla ka 22.

“Inkosi imemezele ukuthi umhlangano uzophuma,” kusho uMncwabe.

Ebuzwa ngozohola umhlangano, uthe akanasiqiniseko kodwa wazi ukuthi uholwa wumholi webandla.

Unobhala wamaNazaretha eThembezinhle, uMshumayeli Chancey Sibisi, uthe likhona itayitela eliqinisekisa ukuthi intaba iKhenana eyoThingolwenkosazana.

“Sesibheke amaphoyisa ukuthi kube yiwona agcina umthetho ngokungavumeli abantu baseBuhleni abangenamholi ukuthi baqwale intaba.

"Uma kungamaphoyisa abavumelayo kuyosho ukuthi uhulumeni kawuwugcini umthetho ngokuphelezela abantu abangenamholi,” kusho uSibisi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe njengayo yonke imicimbi emikhulu, azobe ekhona amaphoyisa azoqapha wonke amaNazaretha aya entabeni.