SEBEPHENDUKE izinyamazane ezihlala ngokubaleka nokucasha, osomatekisi abangaphansi kukasoseshini waseMargate, iBambanani. Kuthiwa kuphume uhlu lwamagama okusolwa ukuthi ngolwabantu okumele bayiswe kwagoqanyawo.
Babalelwa kwabayisikhombisa asebebulewe kulo soseshini kusukela nyakenye, okubalwa abashayeli nabanikazi bamatekisi.
Phakathi kwabantu asebebulewe kukhona oMnuz Vusi Myeza (61), Phumlani Nkomo (55) noMandla Mzelemu (60). Bonke babulewe ezigamekweni ezehlukene.
Abanye abathintekayo bathinte Isolezwe bethi baphoqelekile ukuba bayeke umsebenzi bayocasha ngenxa yokwesaba.
“Okwenzekile ngeledlule ukuthi kuphume uhlu lwamagama abantu okuthiwa bazobulawa. Kulo luhlu kukhona negama lami. Kunamanye amagama abantu abaningi kusoseshini okuthiwa kumele babulawe (ebala amanye amagama).Sibaningi esibalekile kumanje ngoba sisaba ukuthi sizobulawa. Sesifana nezinyamazane ezizingelwayo. Asisakwazi nokusebenzela imindeni yethu,” kusho omunye okusoseshini.
Isolezwe uma libuza ukuthi yini esusa umsindo kulo soseshini kuvele ukuthi kubangwa ukuphatha nezindaba nemizila.
Okunye ukuthi kunothize owabizwa ukuba azolekelela kulo soseshini, kuthiwa waphakamisa ukuba abashayeli asebebadala banikezwe imvume yokufaka izimoto zabo babe ngabanikazi bamatekisi.
Kusolwa ukuthi ukudutshulwa kwabantu kuqale lapho.
Omunye othintekayo ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa uthe uyabona bazohlaselwa baze beqedwe bengalutholi usizo.
“Kunamaphoyisa angene kule nto nokwenza kube nzima ukuba siwabikele ukuze axazulule le nkinga,” kusho usomatekisi.
Kuthintwa imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, ithe bayazi ngokubulawa kwabantu kulo soseshini.
“Udaba lwaloya soseshini lubucayi ngoba baningi asebebulewe khona. Ebesingakwazi ukuthi kukhona uhlu lwabantu okumele babulawe ngoba uma lukhona kumele luyiswe emaphoyiseni ukuze kuphenywe. Ukubulawa kwabantu ngale ndlela okwenzeka ngayo, ugcina ubonile ukuthi kukhona abathize abathungathwayo. Okungenzeka ukuthi lukhona uhlu,” kusho uShangase.
Uthe sebezame kaningi ukuxazulula izinkinga kulo soseshini.
“Inkinga ngaleya ndawo ukuthi kunesimo semali yebhakede ekhokhwa njalo uma itekisi iphuma erenki. Lemali ibibangwa ukuthi kumele ithathwe ubani. ISantaco ihamba noMnyango wezokuThutha, namaphoyisa siyile siyozama ukuxazulula. Inkinga ukuthi icala alikwazi ukuthethwa ngaphandle kofakazi, ikhona okuba inkinga uma sesifika kusoseshini kungabi khona abantu abazofakaza ngezinkinga ezikhona,” kusho uShangase.
Uthe kukhona nasebaboshwa kodwa kunezinsolo zokuthi bayaqhubeka nokuhlasela besemajele
“Ngesikhathi sihambisana namaphoyisa nohulumeni kukhona ababoshwa. Siyasola ukuthi ababoshiwe bahlasela besemajele. Lokho sakuthola kuyinzwabethi,” kusho uShangase.
Kunxuswe ukuba abathintekayo baye emaphoyiseni nolwazi noma befonele izinamba beveze ulwazi, bezifihlile.
“Inkinga yethu manje kule mboni ile mali yebhakede, okubangwa ukuthi ubani okumele ayilawule.”