BAKHALA ngokubanjiswa isisila sehobhe abasakazi besiteshi somphakathi esizinze KwaMashu iVibe FM. Bathi basebenza kanzima kodwa bangatholi ngisho isenti lokuthenga umngenandlini emakhaya.
Kuthiwa lolu sizi kade lwaqala kulesi siteshi, njengoba kunenqwaba yabasakazi abangena khona bethenjiswe ukuthi bazobhekwa ngokuncane kodwa ekugcineni bangatholi lutho.
Omunye wabasakazi okhulume naleli phephandaba walidonsa ngendlebe ukuthi lingamdaluli, uthe usenesikhathi ekhona kodwa usebenzela ize leze.
Uthe okuyinkinga wukuthi inhlangano iMedia Development and Diversity Agency (MDDA) iyayiletha imali okufanele ibhekele bona kodwa ayaziwa ukuthi ishonaphi.
"Kubuhlungu ngoba lo muntu utetemuka ngezimoto unomuzi, konke kuhamba kahle kuyena.Yini edala ukuthi angabe esabacabangela abanye abantu? Sizimisele ngalo msebenzi ngoba siyawuthanda kodwa nathi sinezidingo singabantu. Siyawadinga amasentshana,” kubalisa umsakazi ocele ukungadalulwa.
Uthe okubi kakhulu wukuthi kukhona abanye abanikwayo imali, abanye abanikwa, okushiya imibuzo ukuthi itholwa ngabanjani.
Umphathisiteshi uMnuz Lucky Dlamini uthe kuyiqiniso ukuthi abanye abasakazi abatholi ngisho utiki kulesi siteshi.
"Abantu babuye bangixake mina ngoba bazi kahle ukuthi lesi siteshi esomphakathi, bayazi ukuthi kusetshenzwa kanjani kusona.
"I-MDDA leyo okukhulunywa ngayo yagcina cishe ngo-2014 ukusinika imali, asinabo nabaxhasi, sidonsa kanzima siyapatanisa," kusho uDlamini.
Ebuzwa ngomsakazi uLucky Sefatsa owaduma ngezikhathi esasakazela Ukhozi FM abasanda kumqasha, uthe kwayena usebenza ngesihle akatholi lutho.
"Kuyiqiniso ukuthi sisanda kuthatha uSefatsa. Kodwa akukho sizumbulu asitholayo. Ungumuntu othanda ukufundisa abasakazi abasebancane, unekhono lokucija umuntu. Yingakho sathi akasondele. Bakhona abasakazi abaqashwe ngokuphelele abaholayo. Ngeke sikuphike lokho kodwa nabo abaholi okutheni," kusho uDlamini.
Ibamba lesikhulu esiphezulu enhlanganweni iMDDA uMnuz William Baloyi lithe bagcine ukukhokhela iVibe FM ngo-2016.
Uthe inhloso yenkokhelo kusuke kuwukuthi isiteshi sisungulwe bese sizizizamela sona ezinye izindlela zokuthola imali njengokukhangisa.
"Basasifakile esinye isicelo sokuxhaswa ngemali. Sisazosibheka bese siyabona ukuthi kufanele yini bayithole imali," kusho uBaloyi.