Izindaba

Abasafufusa bahlonishwe ‘ngemiyezane’ yokufukula amabhizinisi

Simangaliso Ntshangase|Published

Simangaliso Ntshangase

UKUQONDA ukuthi baningi kangakanani osomabhizinisi abasafufusa abadinga amathuba okuchuma, kwenze uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, wenza umcimbi womncintiswano wohlelo lokuklomelisa abasesifundazweni ukubakhuthaza ukuqhuba amabhizinisi nokubasiza ukuwachumisa.

Lokho kwenzeke ngoLwesibili ebusuku emncintiswaneni wezindondo Umyezane Awards, obuse-ICC, eThekwini, lapho kuklonyeliswe khona osomabhizinisi abasafufusa ngokwehlukana kwemikhakha eyisishiyagalolunye abebengenele kuyona.

BAHAMBE kuqhilika izihlathi osomabhizinisi baKwaZulu-Natal beklonyeliswa ngemali yokufukula amabhizinisi abo

Image: FACEBOOK/EDTEA

Lo mcimbi, obuqala ukwenziwa kulo nyaka, wandulelwe uhlelo lokwamukela izicelo zabafuna ukuwungenela ekupheleni konyaka odlule, kwase kuqokwa osomabhizinisi abawu-115, okugcine kuqokwe kubona abawu-30, kwahlungwa abanqobile. 

Ibhizinisi elidle umhlanganiso ngokwehlukana kwemikhakha lihlomule ngo-R100 000, kube wu-R80 000 endaweni yesibili no-R50 000 kwelilale isithathu - okwenziwe ngoxhaso lwe-Standard Bank. Ngaphezu kwalokho bekunendondo eyisipesheli kaMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho uMfundisi Musa Zondi, ebihambisana nesheke lika-R230 000 konqobile.

UMPHATHISWA woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, Ezokuvakasha nezeMvelo uMfundisi Musa Zondi enikeza esinye sezikhulu zeHollywood Foundation indondo yokubahlonipha ngomsebenzi abawenza emphakathini

Image: FACEBOOK/EDTEA

Kwi-Best Exempt Micro Enterprise kunqobe iMondise Trading kaNksz Jabulile Sithole, Best Qualifying Enterprise kwanqoba iSurg Sat kaMnuz Max Mabaso, Best Large Company kube yi-SGL kaMnuz Mzi Tyhokol, Best Disability Owned Business kwaba yiMisokuhle Construction kaNksz Nokwazi Manyoni, Youth Owned and Managed kube yiPhungela kaMnuz Nkululeko Mahlaba, Best Rural and Township kube yiMthunzi Poultry kaMnuz Mthunzi Dlomo, Best Women Owned kwaba yiZakhanya kaNksz Zanele Zuma, Best Cooperative Business kube yiMaster Cooperative eholwa wuNkk Thandi Mhlongo, Best Black Industrialists kwaba yi-Eulinda Engineering kwathi i-MEC Special Award yanikwa iHollywood Foundation - ukuyihlonipha ngemisebenzi eyenza emphakathini.

UMPHATHISWA woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho, uMfu Musa Zondi ekhuluma emcimbini wosomabhizinisi Umyezane Gala Dinner and Awards e-ICC, eThekwini ngoLwesibili ebusuku

Image: FACEBOOK/EDTEA

UNksz Manyoni weMisokuhle Construction uthe ukuhlonishwa kulo mncintiswano kuzoba wusizo kakhulu ukufukula amabhizinisi abo, wathi ujatshuliswe kakhulu wukuthi kwabanqobile kukhona nabesifazane - okuyibona abaseyingcosana emikhakheni yamabhizinisi.

UMnuz Morgan Shandu weHollywood Foundation naye uthe kubajabulisile ukuhlonishwa wuMphathiswa woMnyango wokuThuthukiswa koMnotho ngomsebenzi abawenza emphakathini, waqinisekisa nokuthi bazoqhubeka lapho begcine khona ukuthuthukisa nokufukula umphakathi oswele.

UZondi uthe lolu hlelo lusezinhlelweni abaqhuba ngazo ikhwelo labo lokufukula osomabhizinisi abasafufusa esifundazweni, abakholwa wukuthi luzoza nomehluko omkhulu nobonakalayo emabhizinisi abo kusukela manje kuya phambili.