BONISWA MOHALE
UNOBHALA Jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, uthi sizoqhubeka isiteleka yize abaqashi bebeke u-6% etafuleni besuka ku-4.4%.
UNOBHALA Jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, uthi sizoqhubeka isiteleka yize abaqashi bebeke u-6% etafuleni besuka ku-4.4%.
UJim uthe okwenza abasebenzi baqhubeke nesiteleka wukuthi abaqashi abangaphansi kweSteel and Engineering Industries Federation of Southern Africa (Seifsa) abazimisele ukufaka lo 6% ukuze uzwakale kahle emaholweni.
INumsa iqale izingxoxo ifuna u-15% yehla yaya ku-8% njengoba manje ifuna u-6% ozwakala kahle emaholweni.
Uthe yize kunjalo kodwa bazimisele ngokuxoxisana nabaqashi ukuze kutholakale isisombululo kulesi siteleka esingena osukwini lwesishiyagalolunye.
UJim uveze ukuthi ezinye izinhlangano zabaqashi, okuyiNeasa, Saefa neCeo, azibeki iziphakamiso ezigculisayo.
“Kusukela ngo-2014 lezi zinhlangano zabaqashi (Neasa, Saefa neCeo) azifuni ukuba yingxenye yesivumelwano esithinta bonke abaqashi bomkhakha we-engineering esasayinwa kwiMetal and Engineering Industries Bargaining Council (MEIBC). Lokhu kwenza ukuthi abasebenzi abasebenza ezinkampanini zamalungu alezi zinhlangano bahole kancane,” kusho uJim.
Uveze ukuthi iNeasa neSeifsa zifuna ukuholela abasebenzi imali encane zize zithi vele uhulumeni ubeke i-national minimum wage ku-R21 ngehora.
Uthe yize iSeifsa iza no-6%, iNeasa iphakamisa u-4.28%.
“Selokhu isiteleka siqale ngo-Okthoba 5, iNumsa ibixoxa neSeifsa. Ezinye izinhlangano zabaqashi zizithele ngabandayo. INumsa izimisele ukuhlangana nabaqashi ngaphansi kwesigaba 150 esingamele imithetho yabasebenzi eCCMA. Sicela bonke abaqashi babuye sixoxisane ngoba isiteleka sishaya wonke umuntu,” kusho uJim.
Isikhulu esiphezulu seSeifsa, uMnuz Lucio Trentini, sithe abasebenzi sebelahlekelwe yimali engaphezu kukaR100 million yamaholo, imboni yona isilahlekelwe wuR500 million njengoba isiteleka sisosukwini lwesishiyagalombii.
Uthe bayazama ngakho konke okusemandleni ukuthola isisombululo sesiteleka kodwa bakhathazekile ngodlame olubhekiswe kubasebenzi abakhetha ukuya emsebenzini ngesikhathi abanye betelekile.
Namhlanje iSeifsa izoba nesithangami sabezindaba ngo-11 ekuseni.
UTrentini uthe abaqashi bazimisele ukusayina isivumelwano seminyaka emithathu samaholo lapho abasebenzi bezowubona umehluko wangempela emholweni.
Ngonyaka wokuqala abasebenzi abangama-artisan bazonyuselwa umholo ngoR4,24 ngehora, ngonyaka wesibili unyuke ngoR4,45 ngehora bese ngonyaka wesithathu unyuke ngoR4,67 ngehora.
Abasebenzi abangama-general worker bona bazonyuselwa ngoR2,97 ngehora ngonyaka wokuqala, kowesibili banyuselwe ngoR3,14 ngehora bese kowesithathu banyuselwe ngoR3.34 ngehora. ISeifsa ithe iyahambisana nokuthi isivumelwano sifake bonke abaqashi abakulo mkhakha.
Uthe uma amaholo enyuka ngale ndlela kusho ukuthi abasebenzi abajwayelekile bazohola uR12 734,00 ngenyanga.
Ukhale ngesimo somnotho esingesihle, wathi uma isiteleka siqhubeka kungase kuphele nemisebenzi.