UMREPHA obhekene necala lokubulala, uPitch Black Afro, ogama lokuzalwa nguThulani Ngcobo, uthi waphoqwa ngamaphoyisa ukuthi avume icala angalenzanga.
UNgcobo, okhulelele eSoweto ubevele enkantolo yemantshi eGoli ngoMsombuluko ngezinsolo zokubulala inkosikazi yakhe uCatherine Modisane eB&B yaseYeoville ngoDisemba 31 ngo-2018. NgoMsombuluko uNgcobo ufike enkantolo ebukeka engaphathekile kabi, wabingelela unina. Ubethule enganyakazi ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala.
Abashushisi bafake isicelo sokusebenzisa isitatimende sikaNgcobo enkantolo lapho avuma khona ukuthi nguye owabulala inkosikazi yakhe. UNgcobo ufuna bukhahlelwe ngaphandle lobu bufakazi njengoba ethi waphoqwa ukuthi alivume icala. Ngaphezu kwecala lokubulala, uNgcobo ubhekene nelinye lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Umshushisi u-Adv Matshiliso Moleko ubepheka ngemibuzo ufakazi uCaptain Mbhazima Pila ngenhloso yokuvezela inkantolo ukuthi akamphoqanga uNgcobo ukuthi avume icala.
“Angikaze ngimshaye. Akaze akhale ngokulinyazwa, futhi angikaze ngimthembise lutho ngokuthi avume icala. Angikaze ngimtshele ukuthi akathini kwimantshi,” kusho uPila.
UNgcobo nokho uyakuchitha lokhu njengoba ummeli wakhe uMnuz Rian Greyling eveze ukuthi uPila wayeyingxenye yamaphoyisa ayisithupha amphoqa ukuthi avume icala. Uthe lawa maphoyisa amhlukumeza uNgcobo embophe izandla ngozankosi ehlezi estulweni, bamphuca izincwadi zakhe zomshwalense baphinde bamtshela nokuthi uzothola isigwebo esithambile uma evuma icala.
UPila ukuphikile lokho wathi uNgcobo uzakhele ekhanda lokhu akushoyo.
Icala lisaqhubeka.