UNOBHALA we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthi kukhona abasazosala endleleni kule nqwaba yabaholi okubikwa ukuthi igaqele ukuhola i-ANC KwaZulu-Natal.
UNtuli uthe imihlangano yamagatsha e-ANC yokuphakamisa amagama abazongenela umbango wezikhundla, iyona ezocacisa ukuthi yibaphi abaholi abazobanga izikhundla nxa sekukhethwa ubuholi obusha be-ANC esifundazweni.
Ukusho lokhu emva kokuvela kwamagama angaphezu kwamahlanu okubikwa ukuthi agaqele ukuhola i-ANC kulesi sifundazwe okuyiso esikhulu kunazo zonke kwi-ANC.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, izokuba seThekwini ngoJulayi 15 kuya ku-17.
Amagama avela kulo mjaho ngelikaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ofuna ihlandla lesibili nelikaMgcinimafa we-ANC esifundazweni, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Kuphinde kuvele igama likaSihlalo we-ANC wesifunda iMbuso Kubheka, uDkt Ntuthuko Mahlaba, elelungu lesigungu esiphezulu kwiANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, igama lowayengumqondisi jikelele ehhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Ngidi nelikaMengameli waMaZulu FC, uMnuz Sandile Zungu.
UNtuli uthe imibiko yokuthi kukhona abafuna laba baholi bangenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yangenyanga ezayo akusho ukuthi laba baholi bazogcina bewungenele ngempela lo mjaho.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngabezindaba lapho ebecacisa ngamalungiselelo engqungquthela yangenyanga ezayo.
UNtuli uthe okusakhulunywa ezinkundleni zokuxhumana nokubikwa ngabezindaba, kuyizifiso zabathize kwi-ANC, wathi imihlangano yokuphakamisa amagama abazongenela umbango wezikhundla iyona ezocacisa ukuthi ngobani abazoqhudelana engqungqutheleni yangenyanga ezayo.
“Lokhu esikubona ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba, kuyizifiso zabantu abathile. Abantu bazivezela izifiso zabo, ukuthi ngobani abangafisa ukubabona behola i-ANC. Njengamanje abantu bayakhankasa, benxenxa ukuthi kwesekwe labo abafuna ukuthi baqokwe.
“Iqiniso wukuthi iningi lethu kalazi ukuthi ngobani asebephakanyisiwe emihlanganweni yamagatsha ukuba bangenele umbango wezikhundla. Uma sekuphothulwe imihlangano yamagatsha, kuzokwenziwa isimemezelo sokuthi yimaphi amagama aphakanyisiwe. Yilapho-ke esizokwazi khona ukuthi ngobani abazongenela umbango wezikhundla.”
UNtuli uthe banethemba lokuthi akukho okuzophazamisa ukuhlala kwengqungquthela.
“Okusijabulisayo wukuthi akukho zikhalazo noma imibango ekhona. Lokhu kungenxa yendlela esenza ngayo izinto. Ukungabi khona kwezikhalazo kusinikeza ithemba lokuthi akukho okuzophazamisa ukuhlala kwengqungquthela.”
UNtuli uthe angaphezu kwengxenye amagatsha aseyihlalile imihlangano yokuphakamisa amagama abafuna bangenele umbango wezikhundla.
“Sinamagatsha angu-831 asesimeni esihle ukuba abe yingxenye yengqungquthela. Ukuze ingqungquthela ihlale, sidinga ukuthi amagatsha angu-631 abambe imihlangano. Njengamanje cishe angu-500 amagatsha asebe nemihlangano. Sinethemba lokuthi kuzophela inyanga isihlalile imihlangano eyanele ukuthi siye engqungqutheleni,” kusho uNtuli.